UMaduka usakhala ngamaphushana athile yize benqobile
SIHLE NGUBO
Ufisa bagweme amaphutha abafakela ingcindezi engenasidingo umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka.
Uveze lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe liqumbe phansi iPolokwane City ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, ngeSonto ntambama.
Amagoli eRoyal AM ashaywe oSedwyn George, Zukile Mkhize noSikhetele Mabuza. AwePolokwane wona ashaywe uDouglas Mapfumo.
UMaduka uthe ujabule kakhulu ngomphumela kodwa kumele bayilungise indaba yokwenza amaphutha endaweni eyingozi.
“Yinto enhle kakhulu ukuthi uma sidlala ekhaya siyakwazi ukuthola imiphumela emihle,” kusho uMaduka ngemuva komdlalo.
“Bekulokhu kunzima uma sidlala ekuhambeni. Kuhle ukuthi sikhombisa amaqembu ukuthi uma elapha asuke ehambile.”
“Nokho asenzanga amathuba enele okushaya amagoli. Besingalambile ngokwanele kodwa sikhulumile ngalokhu ngesikhathi sekhefu.”
IThwihli Thwahla ibuye seyingcono kakhulu ngesiwombe sesibili yadlala kahle.
“Ngemuva kokushaya igoli, esikhundleni sokuthi siphathe umdlalo emizuzwini engu-15, senze iphutha endaweni ebucayi kakhulu,” kuqhuba uMaduka.
“Yinto okumele siyifunde lena ngoba besilokhu sihlawuliswa kanzima ngenxa yamaphutha ethu.
Ngemuva kwalawo maphutha kumele sibuye sishaye igoli lesibili. Ukuze uzame ukubuyela emdlalweni kumele usebenze kanzima kunakuqala.
FUNDA NALA:Â Liwumqansa elime endleleni yeDowns kwiChamps League
“Ngiyababonga abadlali bakhombise ukuqina, bangalilahla ithemba. Ngibonga noMdali ukuthi sigcine siwatholile amaphuzu amathathu.”

