Liwumqansa elime endleleni yeDowns kwiChamps League
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns izobhekana ne-Esperance, yaseTunisia, emdlalweni owandulela owamanqamu weCaf Champions League, ngemuva kokugoqwa kweyama-quarterfinal.
Abafana Ba’Style badlulele phambili ngemuva kokushaya iYoung Africans ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu.
Lo mdlalo we-quarterfinal ubuphele ngo 0-0 emizuzwini engu-90, kanti nasemlenzeni wokuqala eTanzania kwaba ngu 0-0.
Nokho kube nokukhuluma okukhulu mayelana negoli leYoung Africans eliphikiwe ngomzuzu ka-57 kulo mdlalo.
Ngenxa yalokhu iYoung Africans ifake isimangalo ngokusemthethweni kwiConfederation of African Football (CAF).
Inezinsolo ezinzima zokuthi umdlalo ubuthengiwe ngoba unompempe akayanga ukuyobukisisa kahle kwiVAR ukuthi ibhola liweqile yini umugqa noma cha.
“Sisola ukuthi isenzo sikanompempe sikhomba ukukwenza ngenhloso ukupheka umphumela womdlalo, ukuze uvune iMamelodi Sundowns.
“Lokhu kwenza kube nezinsolo ezinzima zokuthi umdlalo ubuthengiwe. Lokhu kufakazelwa ukuthatha izinqumo ngokwehlukile ngokusebenzisa iVAR,” ingenye yesitatimende seYoung Africans beyisho kanje.
Akwaziwa ukuthi iCaf izophendula ithini njengoba imidlalo yeChampions League kumele iqhubeke ngezinsuku ebekelwe zona.
Egcina ukuhlangana la maqembu (iSundowns ne-Esperance) bekungu-2017 emidlalweni yamaqoqo yayo iChampions League.
ISundowns yashaywa ePitoli kwathi ekuhambeni amaqembu adlala ngokulingana. Kwagcina kuyi-Esperance eyaqeda eqhulwini iSundowns yalala isibili kuGroup C.
Womabili amaqembu ashaywa kuma-quarterfinal yi-Al Ahly (ishaya i-Esperance) neWydad (eyashaya iSundowns). IWydad yakhala yemuka nendebe ekugcineni.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weChampions League kuzobhekana iTP Mazembe ne-Al Ahly.
FUNDA NALA: ‘Bekungamele sibhudluzwe kanje,’ kusho uKomphela
Imidlalo yemilenze yokuqala izodlalwa ngo-Ephreli 19/20, kuthi imilenze yesibili ibe ngo-Ephreli 26/27.