EzakamuvaIbhola

IChiefs ibophezele umdlali eNaturena ngenkontileka yokwelula

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs ishayelele isipikili yelula inkontileka yomdlali osemncane kodwa onekhono, uDonay Jansen.

Yize abanye abadlali beChiefs bengase babolekiswe njengoba kuqala isizini entsha kodwa izindaba ezinhle kuJansen ezokuthi usesayine inkontileka yeminyaka emithathu ezomgcina eNaturena kuze kube u-2027. Inombandela wokuyivuselela ngemuva kwalokho.

Lo mdlali, okwazi ukudlala emuva naphambili, unyuselwe eqenjini elikhulu ngesizini edlule kusabambe uCavin Johnson njengomqeqeshi. Uke wadlala imidlalo emibili kodwa kwasho kona ukuthi izinto bezingahlangani kwiChiefs ngesizini edlule.

Kuke kwaba nemibiko engaqinisekisiwe yokuthi umqeqeshi uNasrredine Nabi usephakamise ukuthi kubolekiswe abadlali abayisithupha esikwatini esikhona. 

Uma kubhekwa abadlali abasayinisiwe, abangase basizwe ngendaba isikimu uZitha Kwinika, u-Edmilson Dove, uTebogo Potsane, uGeorge Matlou u-Aden McCarthy (obonakale edlala kwiDStv Diski Challenge) noThatayaone Dithlokwe.

IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.