Isijikelwe owe-EFF iChiefs ‘engahlelekile’
Ukubhacaza kwakamuva kweKaizer Chiefs sekulethe ukuphoxeka nokudumala kubalandeli abaningi okubalwa kubo noFloyd Shivambu.
Le nsizwa eliphini likamengameli we-EFF, ingumlandeli omkhulu waMakhosi.
UShivambu uhlale ezwakalisa ukungenami kwakhe ngezinkinga ezikhungethe leli qembu.
IKaizer Chiefs ihlulwe ngo 2-0 ibhekene neChippa United eBuffalo City Stadium ngempelasonto edlule.
UShivambu ungene ezinkundleni zokuxhumana, wancoma iChilli Boys ngokunqoba kwayo iChiefs ayichaze njengeqembu elingenangqondo nelingenandlela.
“Isebenzile iChippa United ngokubhaxabula iKaizer Chiefs engahlelekile!
“Izikibha ezibomvu zengeze okuhle ngoba u-2024 unyaka wokunqoba kwabagqoka okubomvu,” kubhala uShivambu kwi-X.
Khonamanjalo, umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson, uzwakalise ukukhathazeka ngokutatazela kwabadlali bakhe phambi kwepali.
“Asiwehlisi umoya ngokwanele ebhokisini, (kodwa) okunye ngijabule ngakho, bazikhandlile,” kusho uJohnson.
“Ngezinguquko, angicabangi ukuthi izinguquko ziwushintshe kakhulu umdlalo.
FUNDA NALA: Ugudle ‘amavila’ uXola Mlambo noGabuza oweTS Galaxy
“Bebengakhululekile ngokwanele ukuthi bengalibeka enethini ibhola,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo neChippa.

