EzakamuvaIbhola

Ugudle ‘amavila’ uXola Mlambo noGabuza oweTS Galaxy

Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uncoma indlela iqembu elisebenza ngayo njengamanje, uthi kubanjiswene, yingakho nemiphumela ivela nje.

Lokhu uthi kungenxa yokuthi kunabadlali abebengekho ezingeni elidingekayo abakhonjwe indlela kuleli qembu lakhe. 

Ngemuva kokunqoba iSuperSport United ngo 1-0 ngempelasonto, okubeke endaweni yesihlanu, leli qembu selibheke ukuqeda kwiTop 8 kwiDStv Premiership.

“Intshisekelo inkulu eqenjini lami, nginabadlali abanomqondo wokuthi bafuna ukunqoba ngaso sonke isikhathi,” kusho lo mqeqeshi. 

“Sinenqwaba yabadlali abanezinhloso ezinhle, abaziphethe kahle, abafuna ukuthuthuka babe ngcono futhi abafuna ukunqoba. 

“Sibachithile abadlali abangamavila – yiqiniso lelo,” kuqhuba lo mqeqeshi oliqhalaqhala. 

Leli qembu lidayise abadlali abamqoka kule minyaka emibili edlule kodwa namanje libukeka lisaqine kahle nje. 

Ladayisela i-Orlando Pirates unozinti uMelusi Buthelezi, ladayisela iSundowns umdlali wasesiswini uBathusi Aubass.

Ekuqaleni kwale sizini lidedele nobengukaputeni uGiven Msimango osegijima kwiKaizer Chiefs manje. 

URamovic ukwazile ke ukuthola abanye abadlali abafike bazivala kahle izikhala, akwangabonakala ukuthi kukhona abahambile.

Kodwa yena uthi okubasize kakhulu wukuthi kube nabadlali abangamavila ababadedelile ukuze kusale abazimisele ukusebenza kanzima. 

“Besinabo abambalwa (abangamavila)… Abanye bakhalile kwabezindaba kodwa yilelo iqiniso (ukuthi bangamavila). 

“Anginaso isikhathi sabo, neqembu alinaso isikhathi sabo ngoba asikhulumi ulimi olulodwa namavila. Angizikhathazi ngakho (abakusho kwabezindaba).” 

Yize engabizanga gama lamuntu, kodwa uXola Mlambo osanda kuvez aukuthi akazi waxoshelwani kuleli qembu.

Uthe inkinga yaqala mhla ephikisa umqeqeshi ebarobha bedlala ithenisi yezinyawo. 

NoThamsanqa Gabuza ngomunye umdlali osanda kudedelwa kuleli qembu likaTim Sukazi abefike kulo ekuqaleni kwesizini. 

IGalaxy ihambe yafika kowamanqamu kwiCarling Cup, yahlulwa iStellenbosch FC.

Manje seyibheke ukwenza kahle kwiligi ukuze iqede endaweni ehloniphekile, kanti uRamovic uthi ukuzikhandla kuphela okuzobafezisa izinhloso zabo. 

“Nayi imfihlo yethu: ukuzikhandla. Ukuzikhandla kuhlezi kulidlula ithalente, ukuzikhandla kwedlula izinto eziningi, yiqiniso lelo. 

“Thina sizicija ngokuzikhandla, siyazilungiselela. Sisebenza amahora angu-24 nsukuzonke sizama ukuba ngcono ukuze sifeze amaphupho ethu.”