UFrosler akawuvali umlomo ngesimanga segoli lika-Ashley Du Preez
U-Ashley Du Preez ushaye isimanga segoli esishiye ngisho ozakwabo kwiKaizer Chiefs bengawuvali umlomo ngesikhathi beshaya iChippa United ngo 1-0 ngoLwesine.
UReeve Frosler uvumile ukuthi yize belazi ikhono lika-Ashley Du Preez, kodwa leli golilibamangazile.
UDu Preez uthole ibhola abeliphakelwe nguye uFrosler engaphandle kancane kwebhokisi leChippa.
Bekunesitobha phambi kwakhe. Kodwa usichilizele kalula eceleni ngomjike qede waleqisa kamnandi kunozinti layonamathela enethini.
Bese kusele ngaphansi kwemizuzu engu-20 umdlalo uphele ngaleso sikhathi futhi iChiefs ikwazile ukubambelela,, yagcina iphume nawo wonke amaphuzu.
UReeve Frosler, oqokwe njengoMdlali obeVelele kulo mdlalo, uncoma u-Ashley Du Preez, ethi ubavulele elinye ikhasi ngaye lo mgadli.
“Kuqale ngokuthi uSiya (Ngezana) amake bese elinika mina ibhola. Ngibe sengibona u-Ashley,” kuchaza uFrosler ngaleli goli.
“Sonke siyalazi ikhono lika-Ashley uma ebhekene nendoda ngayedwana… Sibe seithola igoli ngaye.
“Bengingalindele ukuthi ashaye igoli elinjeya. Sonke siyalazi ikhono lakhe kodwa namuhla usikhombise okunye ngaye.
“Yingakho ebalulekile eqenjini. Yilokhu akunika iqembu, simjabulele kakhulu,” kwengeza uReeve Frosler.
Uphinde waveza ukuthi usethembe ukuthi bazoqhubeka nalo mgqigqo kuze kuphele isizini manje.
Phela baqhuzukile kwiSekhukhune United ngempelasonto edlule ibathela othulini, iphazamisa nomkhankaso wabo wouthola indawo yesibili kwilogi.
FUNDA NALA: UZwane udalula izindaba ezishaqisayo ngoKeagan Dolly
“Uma ubheka umdlalo wethu odlule, asenzanga kahle futhi besidinga ukubuyela emgqigqweni wethu,” kusho uReeve Frosler.
“Lena iyona ndlela yokukwenza lokho – ukuthi sinqobe. Kumnandi ukuphinde sinqobe.
“Sengethemba ukuthi sizoqhubeka nalo mgqigqo. Kumele sikhohlwe yilo mdlalo manje bese silwela imiphumela kule midlalo ezayo.”