UKekana ukhala ngoMailula okhuhla ibhentshi phesheya
Owayengukaputeni weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, usezwakalise ukukhathzeka kwakhe ngoCassius Mailula odlala kwi-US Major League Soccer (MLS).
UMailula ushiye iSundowns ngo-Agasti nyakenye wajoyina iToronto FC kwiMLS.
Nokho, lo mgadli oneminyaka engu-22 uhlangabezane nobunzima ekutholeni indawo eqenjini eliqala imidlalo kuleli qembu.
Emdlalweni wakamuva neVancouver, uMailula udlale imizuzu engu-11 kuphela wageja ithuba elibalulekile.
UKekana uveze imicabango yakhe ohlelweni lwe-SABC Sport lwe-Soccerzone ngoMsombuluko ebusuku.
Uveze ukuthi ngokwakhe kwajahwa kakhulu ukuthi uMailula ashiye kwiSundowns – ubengakakulungeli ukuhamba.
“Ubufakazi bukhona (bokuthi uMailula wenze iphutha)… Umfana oneminyaka engu-21 ubudala ukungadlali izinyanga eziyisithupha.
“Lokho kukutshela ukuthi kunegebe elikhulu. Sikhuluma ngomdlali othuthukayo, umuntu okusafanele abe ngcono phambi kwepali,” kusho uKekana.
“Asikhulume iqiniso, nakwiSundowns, akazange ashaye amagoli amaningi ngendlela abefanele ngayo.
“Ushaye uhlobo lwamagoli engikholwa ukuthi abemahle, kodwa ngicabanga ukuthi ukuze athuthuke ubedinga ukudlala imidlalo eminingi.
“Abadlali abasesikhundleni sakhe badinga ukudlala imidlalo eminingi ikakhulukazi um engumgadli.
“Uyazi eNingizimu Afrika sihlale sikhala futhi sidonsa kanzima ngabagadli ngakho udinga umuntu ozohlala ekhona,” kwengeza uKekana.
FUNDA NALA: Isijikelwe owe-EFF iChiefs ‘engahlelekile’
Inkontileka kaMailula neToronto izophela ngo-2026, kodwa iqembu le-MLS linokunquma ukuyelula ngonyaka owodwa.

