EzakamuvaIbhola

Owangaphandle omataniswa nePirates uyaziphendulela

Yize eseke wadlala kuleli phambilini, kodwa kusobala ukuthi ngabe kufezeke iphupho kuSabelo Ndzinisa uma engagcina ebuyelile kuleli.

Lo mgadli waseSwatini uke wadlala kwiTS Sporting yaseMpumalanga ngesikhathi idlala kwiMotsepe Foundation Championship eminyakeni emibili edlule. 

Wabuyela kwelakubo kulandela ukudliwa yizembe kweSporting wafike wajoyina iGreen Mamba. 

Uvuke indlobane ke kule sizini njengoba eseshaye amagoli angu-24 kuyo yonke imiqhudelwano. 

Kusanda kuvela umbiko othi i-Orlando Pirates namanye amaqembu akuleli asezibhekile kuye njengoba efisa ukumlanda ngesizini ezayo. 

Ekhuluma neKickOff kuleli sonto, uthe yithuba angeke aliyeke uma lingavela ukubuya kwi-PSL. 

“Ngiyacabanga kungaba yinto enhle uma lokhu abakhuluma ngakho kungaba yiqiniso,” kusho uNdzinisa. 

“Ngisho ngoba okwamanje akukho okusemthethweni okufike kimi. Ngeke ukwazi ukukubalekela uma uma kwenzeka.” 

Ngokwalo ngadli weSihlangu seMnikati, iPirates ayikasho lutho kuye okwamanje. 

Uma egcina ngokufika kwiPirates, kuzomele azibambe ziqine kwazise leli qembu liqine kakhulu phambili. 

Empeleni nje akumele ngabe lisemkhankasweni wokuqinisa kubagadli njengoba livele liyizingovolo phambili.