Wazama ukuzilwela uFleurs, enqaba nemoto yakhe
Sekuvele ukuthi uLuke Fleurs akazange avume ukuba ithathwe kalula imoto yakhe – njengaye wonke umuntu – ngesikhathi edunwa ngesonto elidlule.
UFleurs, obeneminyaka engu-24, wazithola eyisisulu sobugebengu obudlangile kuleli.
Ushone esendleleni eya esikhingweni sezempilo ngemuva kokuduntshulwa ngomunye walaba balisa ababemduna.
Umbiko weSunday World kuleli sonto uveza ukuthi lo mdlali wasemuva obesanda kusayinwa yiChiefs wazama ukuzilwela ephucwa imoto yakhe.
Kucashunwe ozazibonela ngawakhe lesi sehlakalo ethi uFleurs wayehamba nabanye abafana ababili abaphuma babaleka bona.
Ngaleso sikhathi babekade bekhonjwe ngesibhamu kwathiwa abaphume. Yena wazama ukulwa, ebakhuza ukuthi bengayenzi lento.
“Ngesikhathi kuqhubeka ukududulana, uFleurs wamemeza wathi, Cha malome (malume), ngeke ukwenze lokhu,” kusho lo mthombo.
Kuthiwa lokhu wayekusho kulo owayezama ukungena esicabheni somshayeli emoytweni yakhe eyiVW Golf 8 GTI.
“Bamehlula, omunye wabo wamdubula eseduze kwesokunxele esifubeni.”
FUNDA NALA:Â Inkakha yeBucs iveza okwenza uMabasa ayithinte kwamancane
Kulapho ke lezi zigilamkhuba zabe sezishaya zichitha nemoto yakhe.

