Sizochayisa iPirates neSundowns isihlabani seYanga?
UStephane Aziz Ki uzodumaza izikhondlakhondla zeDStv Premiership, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, aqhubeke nokuhlala kwiYoung Africans (Yanga) SC, ngokusho kwemibiko eTanzania.
Ngemuva kokwenza kahle kwakhe edlala neSundowns kuma-quarterfinal eCaf Champions League emilenze emibili, u-Aziz Ki ubemataniswa namaBhakabhaka namaBrazilians.
Amahlebezi okuthi iSundowns iyamhalela abaseleke kakhulu ngokuvela kwezithombe zakhe ekhuluma nomqeqeshi uRulani Mokwena eDar es Salaam naseLoftus Stadium.
Inkontileka yalo mgadli waseBurkina Faso kwiYanga izophela ngoJuni, kodwa kubukeka sengathi ukulungele ukusayina entsha.
U-Aziz Ki utshele iphephandaba laseTanzania iCitizen ukuthi usajabule kwiYanga futhi angathanda ukuqhubeka neqembu.
“Akukho engikulindele ngokushiya iYanga okwamanje ngoba angikafinyeleli ezinhlosweni ezingilethe lapha.
“Le kilabhu ngiyithanda ngenhliziyo yami yonke futhi ngisayikweleta, ngisho nemali ngeke ikwazi ukugcwalisa uthando enginalo ngale kilabhu,” kusho u-Aziz Ki.
Lo mdlali ohlaselayo udalule nengxoxo yakhe noMokwena.
FUNDA NALA: Sekukhona ababoshiwe ngelokubulala uFleurs weChiefs
“URulani wangitshela ukuthi ngithuthukise indlela engidlala ngayo ngakwenza ngesikhathi somlenze wesibili owawuseNingizimu Afrika, wangincoma ngalokho,” kuphawula u-Aziz Ki.

