Lijikise u-R104 million obekufunwa ngawo uNgezana elaseRomania
Sekuvele ukuthi i-FCSB, okudlala kuyo uSiyabonga Ngezana inqabe izigidigidi zama-Euro obuvela eqenjini ebelifuna ukuthenga lo mdlali.
Imibiko ehlukene ithi iqembu laseFrance elidlala kwiFrench Ligue 1, iLorient belifuna ukukhokha u-€5 million (okuyimali ebalelwa ku-R105 millon ngokwemali yakuleli). UNgezana, ojoyine iFCSB ngo-Agasti ngemali elinganiselwa ku-€600,000 (R12.4 million ngeyakuleli), kanti usephenduke insika eqenjini lakhe elisha.
Nakuba lo mdlali owayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs kwamthatha isikhathi ukuthi azinze, ugcine ekwazile ukungena eqenjini futhi adlale kahle.
NgoSepthemba, umengameli weqembu uGigi Becali waphumela obala ngokuthi uzimisele ngokudayisa lo mdlali ngo-€7 million (R145 million).
Imibiko yakamuva evela e-Europe ikhomba ukuthi iFC Lorient edlala kwiLigue 1 inentshisekelo ngoNgezana, yaze yakhipha nenakho.
Kodwa-ke, uBecali, oyindoda ezikhulumelayo, kubikwa ukuthi uzichithile izingxoxo naleli qembu laseFrance.
Lokhu ukwenze ngoba esebone ukuthi abafika nakhu akufiki la ebheke khona yena.
ILorient, okumanje isendaweni ephansi kwiLigue 1, izimisele ngokuqinisa iqembu layo ukuze igweme ukudliwa yizembe.
FUNDA NALA: UJali kubadlali abaxoshiwe kwiSwallows – noKomphela uyalandela?
Okuqaphelekayo ukuthi noma yikuphi ukudayiswa kukaNgezana kuzoyicebisa neChiefs njengoba izothola ingxenye engu-10% ngokuthi yiyo emkhulisile.

