EzakamuvaIbhola

Sekukhona ababoshiwe ngelokubulala uFleurs weChiefs

Amaphoyisa aseveze ukuthi kuyakhanya phambili ophenyweni lwawo ngokubulawa komdlali wasemuva weKaizer Chiefs uLuke Fleurs njengoba sekukhona abasolwa ababoshiwe. 

Kuvela ukuthi bayisithupha ababoshiwe kumanje kanti batholwe endaweni ebizwa ngeSlovoville, eSoweto ezintatha zangoLwesithathu.

UFleurs, obeneminyaka engu-24 ubudala, wadutshulwa washona esigamekweni sokudunwa kwemoto eHoneydew, eGoli ngomhla ka-3 ku-Ephreli.

Ngaleso sikhathi amaphoyisa athi uFleurs ubeshayela imoto eyi-VW Golf 8 GTI ebomvu engena egalaji likaphethiloli ku-14th Avenue.

“Ngesikhathi esalinde ukuhlinzekwa ngophethiloli, kuqhamuke abesilisa ababili abebehlomile abebehamba ngemoto eyiBMW 1 emhlophe,” kusho okhulumela amaphoyisa esifundazweni uMavela Masondo.

“Abasolwa bamkhomba ngesibhamu bamkhipha emotweni yakhe base bemdubula kanye emzimbeni. 

“Omunye umsolwa uhambe nemoto kamufi elandelwa yilaba abehamba naye.”

UFleurs washona ngesikhathi efika esikhungweni sezempilo.

Ngemuva kwesigameko sokubulala, uKhomishana wamaphoyisa eGauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni uqoke ithimba elizolandela umkhondo liphinde libophe abasolwa.

Ekhuluma ngokuboshwa, uMasondo uthe abasolwa abayisithupha balandelwe base beboshwa eSlovoville, eSoweto, ezintatha zangoLwesithathu.

Uthe imoto kaFleurs, ebisikhendliwe, itholwe ngoMsombuluko.

“Amaphoyisa akholelwa ukuthi abasolwa bayingxenye yethimba eliduna izimoto eGauteng, futhi kusaqhubeka ukuthungathwa kwabasolwa abaningi.”

Abasolwa abayisithupha kulindeleke ukuba bavele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu.

Babhekene necala lokubulala nokuduna izimoto.