EzakamuvaIbhola

UNeil Tovey ucebisa iChiefs ngomqeqeshi ongayivusa

Inkakha yeKaizer Chiefs, neyayingomunye wabadlali ababengaconsi phansi kubalandeli ngezikhathi zabo, uNeil Tovey useveze igama lomqeqeshi ongasiza leli qembu. 

IChiefs ibheke eminyakeni engu-10 ingayazi indebe kanti kumanje isimo sibi eqenjini njengoba imiphumela ingahambi kahle. 

Sekuvele kumanahlebezi okuthi bakhona abaqeqeshi leli qembu eselikhuluma nabo ngenhloso yokuba bazothatha lo msebenzi osumhlulile uCavin Johnson. 

Impempe ike yabika nangenqwaba yabadlali abangase bakhonjwe indlela ngoJuni uma kuphela izinkontileka nabanye abazobolekiswa. 

Kubaqeqeshi okuthiwa iChiefs ikhulumela phezu kwabo kukhona uJose Paseiro obeqeqesha iqembu lesizwe eNigeria.

Kukhona noNasredine Nabi, uPitso Mosimane, u-Alexander Gallo noBenni McCarthy ohlwini okuthiwa kusetshenzelwa kulo. 

Kodwa uNeil Tovey, owayengukaputeni weChiefs ngeminyaka yabo-90, useqhamuke nelinye igama. 

Le nkakha ikhola wukuthi uMiguel Gammondi engaba yisixazululo leli qembu laseNaturena eselinesikhathi lisicinga. 

UGammondi ukwiYoung Africans yaseTanzania njengamanje. 

Ukumisa kwakhe kabi iSundowns ize imhlule kumaphenathi kwiChampions League kuliqinisile igama lakhe. 

Yikho lokhu okwenza uNeil Tovey abone kunguye ongase abe yiqhawe elihlenga iKaizer Chiefs. 

“UGammondi ungumuntu oziphethe kahle,” kusho uTovey engxoxweni yakhe nabeKickOff kuleli sonto. 

Esinye isikhalo esivela ngeChiefs wukuthi abadlali abekho ezingeni elifanele, kodwa uTovey uthi lokho akuyona inkinga kuGammondi.

“Uyalazi ibhola. Uyakwazi nokuhambisana nesimo. Uma ungumqeqeshi kumele ukwazi  ukuhambisana nesimo sabadlali…

“Ngale kwalokho kungaphinde kuthathe amanye amasizini amabili noma amathathu ukubuyisela isimo seqembu kwesifanele.

“Angicabangi ukuthiunendlela eyodwa yokudlala ngoba kumele ukwazi ukujika izinto ngoba kuzokwenzakalani uma iphazamiseka leyo ndlela? 

“Umqeqeshi kumele akwazi ukuhambelana nezimo, nokuhlelela izimo ezihlukene ngokwehlukana kwemidlalo,” kuchaza uTovey.

Le nkakha yasebenza ngokubambisana noGammondi kwiMamelodi Sundowns phambilini, banqoba isicoco seligi. 

Uthe amava asewatholile kusukela asuka kuleli uGammondi ambeka ethubeni elihle lokuthi engakwazi ukulungisa isimo kwiChiefs.