EzakamuvaIbhola

UMokwena uklolodele iPirates noPitso Mosimane 

URulani Mokwena ukhala ngokuthi amaqembu awavuleleki uma ebhekene neMamelodi Sundowns okwenza bengakwazi ukushaya inqwaba yamagoli. 

Ukusho lokhu ngemuva kokusindela inhlanhla eshaya iCape Town Spurs ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibii ebusuku. 

Kulo mdlalo iSundowns ayizange idlale ibhola elivulelekile esiyaziwa ngalo futhi negoli enqobe ngalo libe nokukhalisa kwabeSpurs. 

Kudlaliswe kabi umdlali weSpurs ngaphandle kancane kwebhokisi, wawela koweSundowns.

Unompempe ube esevuna oweSundowns. Akagcinanga ke lapho njengoba evele wakhomba iphenathi ekubeni kwenzeke ngaphandle kwebhokisi. 

ULucas Ribeiro ulivalele enethini, kwaba wukunqoba kweSundowns yize iSpurs ishode ngenhlanhla ukuthi ithole elokulinganisa esiwombeni sesibili.

“Sidlale kahle esiwombeni sokuqala,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo. “Angisithandanga neze isiwombe sesibili. 

“Kodwa okunye kwakho yiphuth lami, angibanga nabadlali abanele abakwazi ukulawula umdlalo. 

“Mhlawumbe bekumele ngibheke ebhentshini ukuthi kukhonani. Kodwa ke ngijabule ukuthi bakwazile ukuwulwela umphumela.”

Ube esegadla kwiPirates esanda kubhubhudla iGolden Arrows ngo 7-1, ethi naye ezakhe ukube azimakwa ngale ndlela okwenzeka ngayo, ngabe ziyawashaya amagoli amaningi. 

“Thina sibhekana nemidlalo enzima njalo nje. Ngiyafisa sengathi nathi singabhekana neqembu elivulelekayo khona sizoshaya amagoli ayisikhombisa.

“Kodwa thina sifica behlezi emuva, bengasidedeleli izikhala futhi siyacindezeleka kancane. Kodwa ke siyabonga amaphuzu amathathu asesikhwameni. 

NoPitso akasalanga ngaphandle njengoba naye egudlekile. UMokwena uthe wagcina ukubona iSundowns iwina kanzima kanje eseyiphini lomqeqeshi.

“Kumele siqhubeke, siqedele le sizini. Kumele silwele imiphumela njengoba senza nje. 

“Kungikhumbuza isikhathi ngiseyiphini lomqeqeshi kwiSundowns (siyithola kanzima imiphumela). 

“Kodwa kumele siqhubeke, futhi uma sike sabuyelwa ukuzethemba, sizoba ngcono, nakanjani,” kusho uMokwena.