Namibia, yini leyo? Kusho iBafana ibukisa ngomakhelwane
IBafana Bafana ibukisile ke ngomakhelwane bayo iNamibia le emazweni e-Ivory Coast, iyibhaxabula ngo 4-0 emdlalweni kaGroup E kwi-Africa Cup of Nations ngeSonto ebusuku.Â
INamibia beyiye kulo mdlalo imisila iphezulu kulandela ukuthi iwuqale kahle lo mqhudelwano ngokushaya iTunisa ngo 1-0.
Ngendlela eyadlala ngayo kulo mdlalo wayo neTunisia, bekukhona ukuyisabela iBafana ukuthi nayo ingase izithole seyithole isibhaxu.
Kodwa ke izinto zivele zasheshe zayibhimbela iNamibia kulo mdlalo ngesikhathi uRiaan Hanamub ebamba ibhola ngesandla ngomzuzu weshumi.
Yize unompempe engakubonanga lokhu, kodwa ngemuva kokubheka iVAR ubuye walikhomba emlotheni.
Kubuye uPercy Tau lo owageja iphenathi emdlalweni wokuqal weBafana neMali, kulokhu wangalenza iphutha wayinamathisela enethini.
Ngemuva kwalokho kuqhamuke uThemba Zwane, washaya elesibili kulandela umnyakazo omuhle wokuhlasela weBafana.
Uphindile uZwane washaya elesithathu okwenze kwayiwa ekhefini iBafana seyihamba phambili ngo 3-0.
Nasesiwombeni sesibili iBafana iqhubeke nokungadlali ngale ndlela ebilindelwe ngayo, ilithumela phambili ibhola.
Nokho igoli lesine lize laqhamuka umdlalo usuyophela uThapelo Maseko elinamathisela enethini kungakapheli nemizuzu emihlanu engenile.
Ubengene endaweni kaThapelo Morena obeyiphela endlebeni ezitobheni zeNamibia.
FUNDA NALA: ‘Ulalelile’ uBroos, wambuyisela ebhentshini uXulu
IBafana seyizodlala umdlalo wokugcina mzuliswaneni wamaqoqo neTunisia, kanti idinga ukudlala ngokulingana ukuze idlulele phambili.

