Ibhola

Ngabe luyagoba kwiPSL ngokungena kweDowns kwiSuper League? 

IPremier Soccer League isibize umhlangano ophuthumayo lapho wonke amakilabhu angu-32 angamalungu ebhodi elengamele le nhlangani kulindeleke abuthelane khona. 

Kuvela ukuthi udaba lokudlala kweMamelodi Sundowns kwi-African Football League ngenye yezinto ezizobe ziseqhulwini kulo mhlangano.

NgoLwesithathu kuvele imibiko ethi iSundowns ixoxisana namaqembu adlala kwiDStv Premiership ngokuhlehliswa kwemidlalo yayo kule ligi ukuze iyodlala kulo mqhudelwano. 

Lo mqhudelwano kubhekwe uqale ngasekupheleni kwale nyanga, bese uphela maphakathi no-Okthoba. 

Kodwa i-PSL iqale yawuchitha umqondo wokuthi leli qembu elingompetha abavikela isicoco seligi libe yingxenye yalo mqhudelwano onamaqembu ayisishiyagalombili. 

ISundowns kuhlelwe ukuthi ibhekane nePetro de Luanda yase-Angola ngo-Okthoba 21, kanti ngayo leyo mpelasonto kuqala imidlalo yeCarling Knockout. 

ISundowns iqhathwe neTS Galaxy eMbombela Stadium, eNelspruit kulo mqhudelwano omusha ebholeni lakuleli.

I-PSL ayikaphefumuli ngalolu daba kanti umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, useke washo ukuthi naye usebumnyameni ngalo mqhudelwano. 

Kuke kwavela phambilini ukuthi leli bhodi lePSL lavota, lanquma ukuyivimba iSumdowns ukungena kulo mqhudelwano weCaf. 

FUNDA NALA: ‘Usuyasolveka u-X’ oyiMamelodi Sundowns, kusho uKomphela 

Kodwa ngokubika kweSABC Sport, kulindeleke ukuthi sibuyekezwe lesi sinqumo, bese amaqembu avote kabusha.