UPierre Issa uhlambuluka ngegoli alishaya ngakubo kwiBafana
Usaze wakwamukela uPierre Issa ukuthi abantu bakuleli bayohlezi becabanga igoli alishaya ngakubo uma bembona.
Le nkakha yeBafana Bafana yangena ehlazweni elibi ngesikhathi ishaya igoli ngakubo bebhekene neFrance emdlalweni wabo wokuqala eNdebeni yoMhlaba ka-1998.
Leli goli lamakhela igama elibi lo mdlali owayevele ekhulele khona eFrance, abanye baze bacabanga ukuthi wenze ngabomu.
Usekhulume okokuqala ngaleli lishwa elamehlela kanti uthi yinto angasazixaki ngayo futhi asamukela ukuthi iyingxenye yomlando wakhe ebholeni.
“Kuyinto yasebholeni. Kuba nezinsuku ezinhle, bese kuba khona nezimbi,” kusho u-Issa kwiSportsNightsAmplified kwiMetro FM.
“INdebe yoMhlaba ka-1998 yaba nzima kimi ngenxa yalento eyenzeka ngegoli elaba wumkhonto ogwaza ekhaya.
“Kodwa ke izinto ezinjalo ziyenzeka ebholeni. Abantu bazohlezi bekukhumbula lokho ngoba kuyingxenye yempilo yami yasebholeni.”
Uthi ngemuva kwaleli lishwa elamehlela, ubuthongo babungehli ethatha ebeka, efisa sengathi engabuyisela isikhathi emuva.
“Angilalanga kahle cishe izinsuku ezimbili ngemuva kwaleso sehlakalo ngoba ngangicabanga ngomdlalo nokuthi yini engahambanga kahle nokuthi yini obekumele uyenze kangcono.
“Ngangingaphathekile neze kodwa ngenxa yokuthi ozakwethu bonke babengeseka, kwangisiza kakhulu lokho,” kuchaza lolu nkonko lwesitobha.
Ngenxa yaleli bhadi elamehlela, wagcina engazange abe ngumdlali ogqamile eqejini lesizwe yize agcina efika ngisho kwiChelsea yase-England ngebhola lakhe.
U-Issa uthi ibhola yinto yakhona kuleli futhi into engamphethe kahle wukuthi akazange alithole ithuba lokudlala kwelinye lamaqembu akuleli.
FUNDA NALA: Igesund: UCijimpi uzolusa kude Usuthu uma esekwa abaphathi
“Ngicabanga ukuthi iNingizimu Afrika yizwe lebhola. Into engizisola ngayo wukuthi angizange ngidlale kuleli.”