EzakamuvaiNedbank Cup

OwoSuthu ucacisa ekaHanamub okhonjwa kwiBucs

UPhilani Ndlela, okhulumela AmaZulu FC, uphika ulala ngomhlaka ukuthi uRiaan Hanamub usayine kwi-Orlando Pirates noma usendleleni ebheke kuleli qembu laseSoweto.

UNdlela uthi uHanamub unenkontileka ende naMaZulu FC, ngakho ngeke aye ndawo ngaphandle kwemvume yawo.

Bekusanda kuvela ukuthi iPirates seyiqede konke noSuthu ngalo mdlali odabuka eNamibia.

Akuthusi ke nokho ukuthi uNdlela akuphike lokhu njengoba kuseyisivumelwano samaqembu omabili. 

Cishe kusazodingeka iPirates ixoxisane nomdlali ngakufunayo, bese ekupheleni kwesizini imethule uma kuvunyelwene. 

UNdlela uphinde wehlisa amaphaphu ngabadlali abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwesizini kodwa abangakanikwa ezintsha. 

“Indaba yezinkontileka ezintsha izokhulunywa uma kuphela isizini. Bonke laba badlali banombandlela wokuvuselelwa kwezinkontileka zabo,” kusho yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi sevele kaningi emithonjeni yezindaba ukuthi kunabadlali abadlala benengcindezi ngoba abazi ikusasa libaphatheleni.

Abanye balaba badlali ngumgadli wase-Nigeria u-Augustine Kwem, uGeorge Maluleke, noRamahlwe Mphahlele.

Nokho konke lokho kuzobekwa eceleni kuleli sonto njengoba Usuthu lubeke umqondo ekuzilungiseleleni umdlalo olandelayo. 

Usuthu luzogadulisana nePirates emdlalweni weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.