EzakamuvaIbhola

IChiefs izobe ishaya ngomacekeceke babaqeqeshi ngezayo

IKaizer Chiefs nakanjani izokuba nomqeqeshi omusha ngesizini ezayo.

Lokhu kuqinisekiswe uKaizer Motaung Junior oyiSporting Director ya leli qembu laseNaturena.

Njenganje iChiefs akuyihambeli neze kahle ngaphansi kukaCavin Johnson okunguyena obambile, kuze kuphele isizini.

“Nakanjani kuzokuba nomqeqeshi omusha,” kusho uMotaung Junior.

“Yinto esayisho zisuka leyo. UCavin (Johnson) wangena njengomqeqeshi obambile futhi sizimisele ngokuba nethimba labaqeqeshi elihlukile ngesizini ezayo.”

IChiefs seyigejwe yizo zonke izindebe kule sizini. Kuyimanje izabalazela ukuqwda kwiTop 8 kwilogi yeDStv Premiership ekupheleni kwesizini

“Ngiyazi sibeke imiqondo yethu emdlalweni olandelayo kanjalo nemidlalo eyisikhombisa ezayo. Futhi kuningi okusamele sikudlalele,” kuqhuba uMotaung.

“Kodwa iqhinga kade laba khona, sizoba nethimba labaqeqeshi elihlukile ngesizini ezayo.

“Uyazi kukhona abaqeqeshi abasohleni lwethu kodwa ngabe obani abakhona lapho?

“Ngasohlangothini lwethu besilokhu silungiselela isikhathi eside manje. Sizofika isikhathi esifanele sokuthi senze isimemezelo.”

Ukungenzi kahle kukaJohnson kubukeka kuzokwenza angabi sohlini lwabaqeqeshi okuzokhethwa kulona abazothatha izintambo kwiChiefs ngesizini ezayo.

Emdlalweni olandelayo weDStv Premiership, iChiefs izovakashela iRichards Bay FC eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-Ephreli 21.