EzakamuvaIbhola

Sidalula amagama abasolwa ngokubulala umdlali weChiefs

Abasolwa abayisithupha ababoshelwe icala lokudunwa kwemoto nokubulawa kukaLuke Fleurs bavele eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu.

UNdumiso Moswane, 26, Fernando Siva, 25, Nhlakanipho Dlamini, 21, Franky Xaba, 25, Maredi Mphahlele, 36, noThembinkosi Hlomikhawu, 31, babhekene namacala okubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukubamba inkunzi nokubalekela ingalo yomthetho. 

Abasolwa kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili ngesikhathi bevela enkantolo ngoLwesihlanu oluzayo. 

Bonke abasolwa abayisithupha bakhethe ukufaka izicelo zababmeli beLegal Aid.

Umshushisi woMbuso u-Arnold Limekhaya uthe umbuso uhlose ukuphikisa izicelo zebheyili.

“Sizoyiphikisa ibheyili,” etshela inkantolo, eveza ukuthi umbuso awukawatholi amaphrofayili ala madoda nezitatimende zawo zebheyili.

Lo mdlali wasemuva weKaizer Chiefs obeneminyaka engu-24, ubulawe qede kwathathwa imoto yakhe egaraji likaphethiloli eHoneydew ngoLwesithathu olwedlule.

Laba basolwa babanjwe eSoweto ekuqaleni kwesonto ngemubva kokujutshwa kwethimba elikhethekile labasheshi. 

Amaphoyisa aveze ukuthi bayingxenye yesigungu esiduna izimoto esindaweni ezihlukene eGauteng. 

Kuvele ukuthi uFleurs bamdubula ngoba enqaba ukubanika imoto yakhe ababefuna ukuyithatha ngoshova. 

Lesi sigameko sithathe amehlo omhlaba njengoba kubikwa ngaso nakwamanye amazwe angaphandle kwakuleli.

UFleurs ungumdlali wesibili ebholeni lakuleli ukubulawa ngokudutshulwa njengoba kwenzeka okufanayo nakuSenzo Meyiwa. 

Icala lokubulawa kukaMeyiwa – owashona ngo-2014, namanje lisaqulwa enkantolo ephakeme yasePitoli.