UModise usola awaseKZN ‘ngokufukamela amaguncu’
Isihlabani sebhola laseNingizimu Afrika, uTeko Modise, useveze acabanga ukuthi kugqilaza amawembu aKwaZulu-Natal (KZN) adlala ezigabeni zePremier Soccer League (PSL).
Sekunesikhathi eside kwagcina ukuba neqembu laseKZN eligila izimanga kwi-PSL njengoba esevamise ukuzabalaza, alwele ukuvika izembe kuzo zonke izigaba.
Indebe ke yagcina ngo-2009 ngesikhathi iGolden Arrows idla isicoco seMTN8 ihlula i-Ajax Cape Town ngo 6-0.
Kusukela lapho, kube nezikhawu ezimbalwa ezigqamile, AmaZulu FC kube yiqembu lokugcina laseKZN ukufinyelela kowamanqamu wendebe ngo-2022, agcina ehlulwe yi-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Njengamanje, wonke amaqembu aseKZN azithola esemsileni kwiDStv Premiership.
IRichards Bay FC, esendaweni ka-15, ibhekene nengwadla yokuyodlala kweyokuhlungauma ihluleka ukusuka kule ndawo.
UModise uthi enye yezinto ezenza lamaqembu aseKZN azithole etabalasa ndawonye wukulanda abadlali asebephelelwe wushatini kwamanye amaqembu.
Uphakamisa ukuthi ukubuyela ekukhuliseni ithalente lasekhaya, okulekelelwa ngabadlali abambalwa abanamava, kungaba wukhiye wokuvuselela ibhola kulesi sifundazwe.
“Ngicabanga ukuthi inkinga ukungabi nezifiso zokuya phambili,” kusho uModise kwiFARPost.
Uma ubheka uhlobo lwabadlali abasayinwa amaqembu aseThekwini, ahlezi esayina abadlali abeqiwa yijezi kwamanye amaqembu, bafike badlale kuwo.
“Ngakho umgogodla weqembu wakhiwa ngabadlali abavele abangenandaba kangako nokudlala.
“Abakwenzayo nje eqinisweni ukulanda amagungcu kwenye indawo ngethemba lokuthi azochamisela kubo.
“Angikuboni lokhu kuwasebenzela lamaqembu. Ngesikhathi iGolden Arrows iseyiyona, isengaBafana Bes’thende, yayinabadlali basekhaya.
“Liningi ikhono eThekwini (cishe ubeqonde eKZN). Uma ungabuyela ezindaweni zasemakhaya, ungathola abadlali abahle kabi.
“Labo badlali bazobe beziqhenya ngokudlala kulamaqembu asekhaya. Udinga abadlali abanjalo.
Uma kungalungiswa lokho, angisho ke kodwa ukuthi bengabasayini abadlali bakwezinye izifundazwe.
FUNDA NALA: UShabba udalula okuzosiza iPirates ihubuluze Usuthu
“Kodwa kumele babhalansise. Abadlali abasuka kwamanye amaqembu akumele babe ngaphezulu kwabasekhaya.”