Uyikhomba kumphathi inkinga yeCT Spurs uKannenmeyer
Alfred Ngubane
UDavid Kannemeyer usola usihlalo weCape Town Spurs, u-Ari Efstathiou ngokushaya udaka kwaleli qembu kwiDStv Premiership.
ICape Town Spurs isahlulwe kuyo yonke imidlalo eyisithupha eyidlalile kusukela ibuyile kule ligi enkulu kuleli.
Kuke kwabukeka izozijika izinto ngoLwesibili ngesikhathi ibhekene neGolden Arrows e-Athlone Stadium.
ISpurs yiyo elishaye kuqala igoli kulo mdlalo, kodwa yabuye yayiyeka yabuya i-Arrows yagcina inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo.
Ekupheleni komdlalo, umqeqeshi weCape Town Spurs, uShaun Bartlett ubebonakala ukuthi sengathi seziyime emthumeni kuye.
Kodwa uKannemeyer, owake wadlala kuleli qembu kudala, usola umphathi walo ngale nkinga elibhekene nayo.
“Lo mpumela wokushaywa kweqembu udalwe nguye njengoba engoqe nemali akangabathenga abadlali abanohlonzo kuqala isizini,” kusho uKannemeyer.
“Uyakwazi kahle ukuthi kade edlala ngabadlali abadala kwiMotsepe Foundation Championship.
“Badonse kanzima ukuthola indawo kwiDstv Premiership, bangena sebegaqa ngamadolo.”
UKannemeyer akaboni ukushintsha abaqeqeshi kungasiza uma kungaqalwanga kwalungiswa eyabadlali.
“U-Ari Efstathiou uzolanda abaqeqeshi baze babe bangaki ukuze athole imphumela egculisayo?
“UShaun Bartlett ungumqeqeshi okulungele ukuqeqesha noma ngabe yiliphi iqembu ngesipiliyoni sakhe…
“Usebenze kanzima ngesizini edlule ekhuphula leli qembu lingenabo abadlali abanohlonzo olutheni.
“Kumanje bakhathele futhi kufanele ngokweminyaka yabo njengoba behluleka ukumelana nabadlali abasebancane nje.”
Okhulumela leli qembu, uShoes Mekuto utshele Impempe ukuthi bafuna umdlali waphakathi nendawo emuva.
“Kukhona nabanye abadlali abazama inhlanhla la kithi esisababheka, kodwa lizovala iwindi sesibayinile abadlali abambalwa.”
FUNDA NALA: UJasond Gonzalez ufike nokwehlukile okujabulisa uNtseki
Iwindi lokusayinwa kwabadlali livalwa ngoLwesihlanu, okunika iCape Town Spurs izinsuku ezimbili kuphela ukusayina.