EzakamuvaIbhola

IFifa isiphinde yagadla kwiPSL imisa iqembu ekusayineni

Sekunelinye iqembu lePremier Soccer League eligaxele kunoxhaka wokumiswa ekusayineni abadlali kulandela ukwephula imigomo eyengamele ibhola. 

Sekubonakala kwanda ukuthi amaqembu ezigaba ezikhokhelayo kuleli ahluleke wukuhambisa izinto ngendlela, bese egcina esebhekene nalesi sigwebo.

Kumanje iRoyal AM ingaphansi kwalesi sigwebo kanti ngokubiika kweSABC Sport, neRichards Bay seyigaxele kuso. 

Uphenyo lweFifa luthole ukuthi  le kilabhu yeDStv Premiership yehlulekile ukufeza izibopho zayo zezimali kumdlali waseKenya u-Ovella Ochieng, naphezu kwesivumelwano sangaphambili sokwenza lokho. 

U-Ochieng uhlukane neqembu ngesizini edlule ngemuva kokudlala imidlalo eyisishiyagalombili yeligi ngaphansi komqeqeshi wangaleso sikhathi uVasili Manousakis. 

Kulandela isikhalo sika-Ochieng kwiFifa mayelana nezindleko ezingakhokhiwe, isigungu esilawulayo sithathe izinyathelo ezisheshayo.

Sibe sesihlawulisa iRihcards Bay ngesigwebo sokungasayini abadlali abavela kwamanye amaqembu. 

IRichards Bay, okumanje ibhekene nengwadla yokudliwa yizembe njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa, manje isijoyine iRoyal AM njengelinye lamaqembu ePSL avinjwe yiFifa ekusayineni abadlali. 

Leli qembu eliphethwe ngusomabhizinisi uShawn Mkhize, lisabhekene nezinkinga zokukhokha ezingakaxazululwa nomgadli uSamir Nurkovic nomdlali wasemuva uRicardo Nascimento kusukela ngoJuni nyakenye.

Nokho ikhona inhlansi yethemba njengoba amanye amaqembu amabili e-PSL, iPolokwane City neChippa United, esanda kuhoxiselwa izigwebo zawo yeFifa ngemuva kokuxazulula izingxabano nabadlali bakudala.

Mayelana no-Ovella Ochieng, oneminyaka engu-24 ubudala, okwamanje akanalo iqembu adlala kulo.