EzakamuvaIbhola

Siveza umqeqeshi ongase avale esikaCijimpi kuMaZulu

SIHLE NGUBO 

AmaZulu FC aninga ukunika uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ocija iqembu leDStv Diski Challenge (DDC) kulona Usuthu, isikhundla sokuqeqesha leli qembu laseThekwini.

Usuthu lusanda kuhlukana nobengumqeqeshi uPablo “Cijimpi” Franco waseSpain, kulandela ukugqoza kwemiphumela emidlalweni emithathu yokuvula isizini.

Leli qembu liqale lashaywa yiPolokwane City ngo 2-1 emdlalweni wokuqala. Kowesibili kuthe ukwenyukela njengoba lishaywe yiKaizer Chiefs ngo 3-1.

Bekunethemba lokuthi Usuthu luzovuka ngeMarumo Gallants nayo ebingakanqobi kodwa lwashaywa ngo 1-0. Yilapho ke ekhonjwe eza ngayo uFranco.

Ngokomthombo weMpempe osondelene noSuthu abaphathi baleli bayafuna ukunika ithuba uVilakazi, oke waqeqesha iLamontville Golden Arrows neRichards Bay FC.

Nokho kuvela ukuthi kukhona okubadidisayo kancane ngoba kunegama lomunye umqeqeshi waseNingizimu Afrika elilokhu liqhamuka uma bexoxa.

“Nami angazi (ukuthi umqeqeshi uzomenyezelwa nini). Kodwa ngike ngezwa ukuthi basikaza uKanu (uVusumuzi Vilakazi) no(Clinton) Larsen,” kusho umthombo weMpempe kafushane.

ULarsen uqeqesha iMagesi FC ayinyuse isuka kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule. Nokho kuyavela ukuthi kukhona ukushayisana okukhona kuyena nabaphathi beqembu.

Ngokomthombo weMpempe abaphathi beMagesi banakho ukungamtsheli lo mqeqeshi mayelana nezinto ezithinta abadlali, abone umdlali othile esehamba engatshelwanga.

Usuthu luzobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana ne-Orlando Pirates, engompetha abasha beMTN8, ngo-Okthoba 25.