Yithuba lokuthi u-Eva Nga abonise ayekusho ngePirates
SIHLE NGUBO
Kufuze ukuthi uwubheke ngabomvu umdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates, umgadli weChippa United, u-Eva Nga.
Lo mgadli uke waba semabhukwini eZimnyama lapho ehlale khona isizini nohhafu.
IPirates ibe seyimkhulula ngoJanuwari wabuyela kwiChippa, lapho yayivele imlande khona.
Ngemuva kokushiya eZimnyama lo mgadli waseCameroon, oneminyaka engu-31, waveza ukuthi yena ungcono kakhulu kunabagadli bePirates.
“Ngizokusho lokhu ngenhlonipho. Abagadli kwiPirates abekho ngcono kunami,” wacashunwa yiSoccer Laduma esho kanje u-Eva Nga.
“Nabo bayakwazi lokho. Ngacabanga ukuthi uma ngihamba ngeke ngifeze lokho engangikuyele khona, ngase ngikhetha ukuhlala ukuze ngikhombise abantu okuthile.
“Kodwa singabagadli abaningi futhi umqeqeshi ukhetha lowo asuke emuzwa ngaleso sikhathi.”
Le nkulumo ka-Eva Nga akungabazeki ukuthi yabathinta abagadli beBucs abafana no-Evidence Makgopa, uZakhele Lepasa noTshegofatso Mabasa, okunguyena oqobela amagoli kakhulu kwiPirates njengamanje.
IChilli Boys ishaye iTS Galaxy ngo 2-0 kwi-quarterfinal yeNedbank Cup ngeSonto.
Ngemuva komdlalo ibe isiqhathwa nePirates ezobhekana nayo kowandulela owamanqamu.
Komunye umdlalo iStellenbosch FC izotholana phezulu neMamelodi Sundowns.
IPirates ishaye AmaZulu FC ngo 4-2 kuyona iNedbank Cup ngempelasonto eMoses Mabhida Stadium.
U-Eva Nga uzolithola ithuba lokukhombisa ukuthi ungcono kunabagadli bePirates uma la maqembu esetholana phezulu kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.
FUNDA NALA: IFifa isiphinde yagadla kwiPSL imisa iqembu ekusayineni
Lo mgadli ushaye igoli ngesikhathi benqoba ngo 2-0 kwiTS Galaxy. Nangesikhathi beshaya iKaizer Chiefs ngo 2-0 koweDStv Premiership walingqofela phakathi igoli.