EzakamuvaIbhola

Seyiqokiwe inkundla yowamanqamu eNedbank Cup

Uzodlalelwa eMbombela Stadium, eNelspruit umdlalo wamanqamu kwiNedbank Cup.

Lokhu kuvele ngeSonto ntambama ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala imidlalo eyandulela owamanqamu. 

Kuzoba amabili phakathi kweMamelodi Sundowns, Stellenbosch FC, Orlando Pirates neChippa United abazodlala kowanqamu. 

IChippa ingene kulesi sigaba ngokubhuquzisa iTS Galaxy, iyishaya ngo 2-0 eMbombela Stadium ngeSonto ntambama. 

Ishiye uSead Ramovi engakholwa njengona bekuyiRockets ebibhekiwe  ukuthi inqobe lo mdlalo obuseMbombela Stadium. 

Igoli lokuqala lishaywe uBievenu Enga Nga ngomzuzu ka-30. Izamile yaze yadela ukuya iGalaxy. 

Ilitholile ithuba lokubuya sekusele imizuzu emine umdlalo uphele ngesikhathi ibekelwa iphenathi.

Kodwa uStanley Nwabali uyivimbile iphenathi ebishaywe uPogiso Sanoka, kwacaca ukuthi sekubhedile kwiGalaxy. 

Kuthe kusenjalo, yavela iphenathi nangale kwiChippa, uRoscoe Petersen wayinamathisela enethini. 

Ziqhathwe kanje emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup:

  • Chippa United v Orlando Pirates 
  • Stellenbosch FC v Mamelodi Sundowns