IChiefs nesinqumo esibalulekile ngekusasa likaVilakazi
IKaizer Chiefs seyelule inkontileka yomdlali osemncane, uMfundo Vilakazi, kanti usezohlala eNaturena kuze kube uJuni ka-2028.
UVilakazi ufike kwinkulisa yeChiefs ngo-2021, edlalela iqembu lika-Under 17.
Akumthathanga sikhathi ukuthi akhushulelwe kweleDStv Diski Challenge, afike kulo wagqama amasizini amabili.
Lo mdlali oneminyaka engu-18, onethalente lemvelo uqale ukuzilolonga neqembu elikhulu ekuqaleni kwale sizini.
Ube esenyuselwa kulo ngokugcwele ngoJanuwari, okuyinto ejatshulelwe kakhulu abalandeli abaningi beChiefs.
Usebe seqenjini eliya emidlalweni isikhawu eziyisithupha, kanti usedlale emibili esuka ebhentshini okubalwa neSoweto Derby.
Lo mdlali odabuka eSoweto uzwakalise ukujabula ngokusayina le nkontileka entsha.
“Ngijabule ngokuba nenkontileka nekilabhu enkulu njengeChiefs,” kusho yena.
“Bekulokhu kuyiphupho lami kusukela ngisemncane ukudlalela iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs.
“Sengibheke ngabomvu ukufaka isandla ekilabhini futhi ngibonge abaphathi ngokukholelwa ethalenteni lami.
“Ngibonga bonke abalandeli abahlale bengikhuthaza ukuthi ngenze kangcono, ngiyathembisa ukuthi ngeke ngiphoxe.”
Umqondisi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr. uzwakalise ukujabula kwakhe ngalesi ngokwelulela lo mfanyana inkontileka.
“Sijabule kakhulu ngokukwazi ukuthatha lesi sinqumo sokunwetshwa kwenkontileka.
“UMfundo unethalente eliyingqayizivele futhi sibheke ngabomvu ukumbona ebonisa ikhono lakhe alinikwe uNkulunkulu eqenjini elikhulu iminyaka eminingi ezayo.
“Manje sekusele kuye ukuthi asebenze kanzima futhi siyazi ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe.
“Ukukhushulwa kukaMfundo kuwubufakazi bomsebenzi omkhulu ezinhlakeni zethu zokuthuthukisa amakhono.
“Sakhe isimo esivumela ukuthi sikhiqizele iqembu elikhulu ithalente, okuyinto eyisisekelo seKaizer Chiefs.
“Sinabantu abasebenza ngokuzikhandla – kusukela kwabaneminyaka engaphansi kuka-13 kuya eqenjini le-Reserve.
FUNDA NALA: Sekuphinde kwabhimba kowashiya eshiphile kwiChiefs
“Abagxili ekuwineni nje kuphela kodwa ikakhulukazi ekukhiqizeleni iqembu elikhulu abadlali bebhola abasezingeni eliphezulu.”