Sekuphinde kwabhimba kowashiya eshiphile kwiChiefs
Owayengumgadli weKaizer Chiefs, uBonfils Caleb Bimenyimana, usephinde wazithola engenaqembu njengoba eselaxazwe yi-Al Ahli Benghazi yaseLibya.
UBimenyimana uke waba nedumela futhi kwangathi uzoxazulula inkinga yamagoli kwiChiefs. Kodwa kuhambe isikhathi leli qembu labona ukuthi lashaya eceleni ngesikhathi lisayina lolu nkonko lwaseBurundi.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini, uke wabangisana neChiefs ngokukhululwa kwakhe kulandela ukuthi ebefunwa yiqembu laseMorocoo iWydad.
Ngokwakhe wayefisa iChiefs ivele imkhulule azihambele mahhala, kodwa abangavumelana ngalokho.
Kodwa babuye bayilungisa indaba, wagcian ekhulululiwe qede wabhala kwi-Instagram yakhe ukuthi uphumile ‘etilongweni’ ngokudedelwa khwakhe yiChiefs.
“Engingakusho nje wukuthi ngiyabonga kuMdali. Imithandazo yami seyigcine iphendulekile.
“Ngijabule kakhulu ngokukhululwa kwami. UNkulunkulu akakaze angudumaze mina,” washo kanje ngaleso sikhathi.
Manje sekunemibiko ethi lo mgadli usekhululiwe nakwi-Ali Ahli Bengazhi engakaze adlale nowodwa umdlalo osemthethweni.
UBimenyimana ubesayine inkontileka yeminyaka emibili ne-Al Ahli. Nokho, isikhathi sakhe kuleli qembu sisheshe saphela.
Ukulimala akuthola eseqenjini lesizwe langakubo eBurundi kwenze leli qembu laseLibya linqume ukuvele limdedele.
FUNDA NALA: Ngabe ‘indlondlo ye-ABC Motsepe’ ingakuphinda lokho?
Nokho useluleme manje, futhi ngokubika kwe-iDiski Times, useqalile ukufuna elinye iqembu azodlala kulo.