EzakamuvaIbhola

Isihlava sempakamo ekukhubekeni komdlali owayethembisa

Kusolwa ukuzithwala nempakamo enkulu kuPhakamani Mahlambi, okuyimanje akanalo iqembu yize lingangatshazwa ikhono lakhe kunobhutshuzwayo.

Lo mdlali, okhulele kwiBidvest Wits, kumele ngabe ukude kakhulu nonobhutshuzwayo kodwa uzithola emunca izithupha eGoli, engenalo iqembu alidlalelayo.

UMahlambi ube ngumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukuyodlalela izinkunzi zase-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt, ngo-2017.

Akahlalanga kakhulu kukhulu kuleli qembu wabuyela eNingizimu Afrika, lapho ethathwe khona yiMamelodi Sundowns.

Nokho bekulokhu kuvela ukuthi lo mdlali, oneminyaka engu-26, uphuza kuze kweqe nokuyinto ebimqhatha nabaqeqeshi abaningi beDStv Premiership.

Okuvela muva nje ukuthi akamazi omunye umuntu, wenza lokhu okuthandwa uyena.

Lokhu kudalulwe uSomila Ntsundwana obegonyuluka ngokufiphala kwekusasa likaMahlambi kwiFARPost.

“Sengibe nethuba eliyingqayizivele lokudlala noPhakamani. Ngimbonile eziqeqesha ngazibuza ukuthi, lo mjita ufunani kwiDStv Premiership?” kusho uNtsundwana kwiFARPost.

“Kodwa ngicabanga ukuthi kuhamba nokuziphatha nokuhlonipha abantu. Singasho ukuthi sizomgqugquzela, simeseke, kodwa ekugcineni konke kulele kumuntu.

“UPhakamani akasoze aye kwabezindaba athi kukhona obulele ikusasa lakhe. Uyena kanye ozibulalele ikusasa lakhe.

“Uma izinto zikuhambela kahle abantu ozimbandakanya nabo babalulekile kakhulu.

“Yikho nje ngingenabo abantu abaningi empilweni yami, umama wami nje nodade.”

UMahlambi uke wayibamba nakuMaZulu kodwa nakhona uBenni McCarthy, owayecija Usuthu, wakhala ngokuhluleka ukuziphatha kuyena.

Egcina ukubonakala enkundleni edlala ibhola, ubegqoke imibala yeChippa United. Nakulona leli qembu akahlalanga kakhulu.

“Kuleli zinga udinga abantu abazokutshela iqiniso. Buka abadlali abafana noThemba Zwane, eminyakeni engu-36 basazihlonipha,” kuqhuba uNtsundwana odlalela iRichards Bay FC.

“Ungubanike wena ukuzitshela ukuthi usukwenze konke uneminyaka engu-25? Uziba abantu futhi unempakamo?”