EzakamuvaIBetway Premiership

Abalandeli beChiefs bazama ukugqugquzelana ukuthi baxolele uMayo

SIHLE NGUBO

Abalandeli beKaizer Chiefs bayazama ukuxolela umgadli wabo uKhanyisa Mayo, obaphuthisele ngamaphuzu agcwele bebambana naMaZulu FC ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

UMayo wenze iphutha elikhulu eqedela ibhola likaPule Mmodi ebelivele liyokhalakathela enethini, ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala.

Lo mdlali (uMayo) ubesevele endaweni engamfanele (offside) ngakho ukuthinta kwakhe ibhola ngaphambi kokuthi lingene, bekuzosho ukuthi ngeke libalwe.

Lo mdlalo ubunezigigaba ezimbalwa ngesiwombe sokuqala, njengoba uGlody Lilepo egeje iphenathi kusengu 0-0.

Ngebhadi leChiefs igcine ingakwazanga ukuthola igoli lokuwina, nobekusho ukulahla amaphuzu amabili nokuhluleka ukunyukela endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.

Ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngesenzo sikaMayo futhi nakhona abalandeli abasamdinelwe ngalokhu.

Nokho bakhona abathi akaxolelwe kudlulelwe phambili ngoba lawa amaphutha enzekayo ebholeni.

Ngemuva komdlalo iphini lomqeqeshi kwiChiefs, uKhalil Ben Youseff, libonakale liphoxekile futhi libindekile.

“Kunzima kubadlali ngokomqondo uma uthola iphenathi bese uyigeje. Kodwa siqhubekile salwa sathola igoli elize no(Mdu) Shabalala,” kusho uBen Youssef ngemuva komdlalo.

“Sibe sesithola elinye ithuba, sashaya igoli, belizobalwa kodwa uMayo walithinta eyi-offside.

“Nangesiwombe sesibili bekusifanele ukuwina, abesifanele amaphuzu amathathu.

“Ngizizwa ngijabule ngendlela esidlale ngayo, imiphumela izoqhamuka maduze.”

IChiefs iyiqale kahle isizini ngokunqoba imidlalo emine yokuqala. Nokho seyidlale imidlalo emithathu inganqobi.

Ishaywe yiSekhukhune United ngo 3-1, yabambana neMarumo Gallants ngo 1-1 njengoba sephinde ibambana noSuthu ngo 1-1.

Okuhlalukayo ukuthi leli qembu laseNaturena liyehluleka ukushaya amagoli angaphezu kwelilodwa emdlalweni ngamunye.

IChiefs igcine ukushaya amagoli amabili ngesikhathi inqoba ngo 2-0 kwiStellenbosch FC emdlalweni wokuqala weBetway Premiership.

Ngempelasonto izobhekana nayo iStellies kwiLast 16 yeCarling Knockout, eDHL Cape Town Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

UMayo nabanye abadlali baMakhosi kuzomele bashaye amagoli angempela ngeSonto, kungenjalo bazowasha ijezi kulo mqhudelwano.