UShalulile uphawula ngemibiko yokufuna ukushiya iSundowns
SIHLE NGUBO
Umgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile, uyavuma ukuthi uke wazama ukushiya iqembu njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Kuke kwanemibiko yokuthi uShalulile waseNamibia ubengasaneme kuBafana Ba’Style ngenxa yokungalitholi ithuba lokudlala.
Nokho lo mdlali ugcine ebuyile walwela indawo yakhe kompetha beligi, iSundowns.
UShalulile usanda kwephula irekhodi lomgadli ohamba phambili ngamagoli emlandweni wePremier Soccer League (PSL).
Leli rekhodi beliphethwe uSiyabonga Nomvete ngamagoli angu-129.
UShalulile uqedile ngalo njengoba esanda kushaya igoli lakhe lika-130 selokhu aqala ukudlala kwiPSL.
“Ngithanda ukubonga ozakwethu, abaqeqeshi nabo bonke ababe nesandla kulokhu engikuzuzile,” kusho uShalulile owayeyibamba kwiHighlands Park.
“Ngikholwa ukuthi bengingeke ngikwenze lokhu ngaphandle kwabanye ozakwethu.
“Kodwa ngifisa ukubonga umengameli weSundowns ngokunginika ithuba lokuza kwiSundowns, nawo wonke umuntu.
“Umuzwa omnandi lona sihlale sithandazela ukuthi kuze amanye amagoli amaningi.”
Lo mgadli kuvele ukuthi ubefunwa yiqembu lasenhla ne-Afrika futhi naye akakuphikanga ukuthi uzamile ukuhamba.
“Ukukhuluma iqiniso ngibuyile izinto azizange zihambe kahle,” kuqhuba uShalulile.
“Bekukhulunywa ngokulungisa amaphepha ami nakho konke lokho.
“Kodwa ngifonele usihlalo ngathi ngokwamava enginawo mhlawumbe kungcono ngibuye ngilwele indawo yami.”
Njengoba kudlalwa imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba uShalulile useqenjini lesizwe laseNamibia ukulungiselela le midlalo.
Ezivela eChloorkop zithi uLucas Ribeiro Costa, ofuna ukushiya leli qembu usendleleni ebuyayo.
Lo mdlali ubefunwa yiQatar SC kodwa abavumelani ngemali emthenga ngayo neSundowns.
Ubesefake incwadi yokusula kuBafana Ba’Style ngoba eveza ukuthi akasathandi ukudlala kuleli qembu laseChloorkop.
Uma egcina ebuyile uRibeiro, odabuka eBrazil, akwaziwa noma uzodlala yini kwiSundowns abeseyifake kwiFifa Tribunal ngoba efuna imdedele.
