Kufike uVusumuzi Vilakazi kwiChippa, kwaxoshwa umqeqeshi
IChippa United uxoshe umqeqeshi wayo obesehlale isikhathi eside neqembu eyiphini kubaqeqeshi abehlukene.
USiyabulela Gwambi ubesehlale iminyaka kwiChilli Boys futhi ubeke abambe njengomqeqeshi uma kukhona oxoshiwe.
Nokho ngoLwesibili kuvele izindaba zokuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwalo mqeqeshi naleli qembu elizinze eGqeberha.
Kuthiwa utshelwe ukuthi akahlale ekhaya angalubhadi emsebenzini, kwabe sekucaca ukuthi ucu alusahlangani.
Kwenzeka lokhu nje iChilli Boys isanda kuqasha umqeqeshi osemncane uVusumuzi “Kanu” Vilakazi okuthiwa uzoba ngumphathi wezokuqeqesha eqenjini.
UVilakazi usule kungalindele muntu kwiLamontville Golden Arrows lapho ebeqeqesha khona ngokubambisana noMabhudi Khenyeza.
Akwaziwa noma ukuxoshwa kukaGwambi kuncikene yini nokulandwa kukaVilakazi emasontweni edlule. Njengamanje iChilli Boys iqeqeshwa uMorgan Mammilla.
NgoLwesibili kusihlwa iChippa izokwamukela iSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
IChippa igcine ishaye iRichards Bay FC ngo 2-1 ekuhambeni, kanti iSuperSport ibigcine ishaye iKaizer Chiefs ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium.
FUNDA NALA: Nakhu okumele akwenze uHlula Dladla ukutakula isibhakela eKZN
Lokhu kwenza womabili lamaqembu abe semuzweni omuhle ngaphambi kwalo mdlalo okulindeleke ushise.