Okwenze uMakhaula agijimele kuChaine, kwavuka ‘i-BP’
UMakhehleni Makhaula ushiye abalandeli beqophisana kulandela ukujabula kwakhe kade eshaya igoli i-Orlando Pirates ibhekene neqembu lakhe lakudala AmaZulu FC.
Lo mdlali wasesiswini ushaye igoli lesithathu elenze kwaba u 3-2 kade Usuthu seluthembile ukuthi okungenani kuzoyiwa esikhathini esengeziwe.
Abanye bamsole ngokuthi ‘uyeyisa’ ngokujabulela igoli alishaye edlala neqembu abesuka kulo.
Ngokuvamisile abadlali abajabuli uma beshaye igoli eqenjini abasuka kulo nokuwuphawu lokulihlonipha.
Kodwa abanye bathe vele akuwona umthetho ukuthi umdlali angajabuli futhi bekuyigoli lakhe lokuqala kwiPirates ngakho ubengeke angalijabuleli.
Kodwa okuxake kakhulu wukuthi ugijime washiya abanye ozakwabo waya kunozinti wabo uSipho Chaine eyojabula naye.
Usesivezile ke isizathu esenze ayojabula nalo nozinti, ethi kukhona into abemhlebele yona ngaphambi komdlalo.
“Ngaphambi komdlalo, uChaine weza kimi wangitshela ukuthi ngizoshaya igoli,” kusho uMakhaula.
“Ngaleso sikhathi angizange ngikuthathele ekhanda akushoyo ngoba bese kuphele iminyaka eyisishiyagalombili ngagcina ukushaya igoli.
“Ngakho kuthe uma sesifika leso sikhathi, umuntu ofike kuqala ekhanda lami kube uChaine.
“Ngibe sengihlaba ngejubane ngabheka kuye, kodwa umzimba wami wangichitha ekugcineni,” kuchaza yena.
Okuhlekisayo ke ngale ndaba wukuthi ngemuva kokuhlaba ngejubane, uMakhaula ube esekhathala, kwaphoqa ukuthi akhishwe.
FUNDA NALA: UKatsande uhlonza ‘ozovala isikhala sakhe’ ebholeni
IPirates igcine inqobe ngo 4-2 kulo mdlalo weNedbank Cup obuseMoses Mabhida Stadium kanti isizobhekana neChippa United emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.