EzakamuvaIbhola

Sikwethulela umthungi wejezi elisha le-Orlando Pirates

Njabulo Shezi

I-Orlando Pirates yethule ijezi layo lasekhaya nelasekuhambeni ezolisebenzisa ngesizini ezayo emiqhudelwaneni ye-PSL neyeCaf. 

Lamajezi ashiye imibono ehlukene. Abanye bayancoma kodwa abanye bashaya amakhala, bathi ngathi zishaye phansi eziMnyama ngaleli jezi. 

Iningi labalandeli be-Orlando Pirates nokho, alibonakali lithanda ijezi lasekhaya, futhi bagxeka indlela elihlotshiswe ngayo – ijezi elimnyama elinamathambo amhlophe ngaphambili okuwuphawu lwaleli qembu.

Leli jezi belilokhu lihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili njengoba i-Orlando Pirates ilethule ngawo. 

Nayo ayiyikhombisanga intshisekelo eyaye ibe nayo uma yethula ijezi elisha. Kodwa mahlwumbe lokho kwenziwe wukuthi iphahlukile, beyiqonde ukulethula ngoJulayi 27. 

Impempe seyingakubika ukuthi lamajezi e-Orlando Pirates awumcabango kaThebe Magugu; ongumsiki wengqephu osemusha waseNingizimu Afrika. 

UMagugu wazalelwa eKimberly eminyakeni engu-29 edlule. Ngemuva kokuphothula eLondon International School of Fashion ngo-2016, uMagugu wazuza impumelelo enkulu ngo-2017.

UMagugu umenyezelwe njengophumelele umbukiso wemfashini wamazwe ngamazwe yiBritish Fashion Council.

FUNDA NALA: IFifa ihoxise isigwebo seZimbabwe, isizobuyela ebholeni lomhlaba

Ngo-2019, wabe eseba ngowase-Afrika wokuqala ukuklonyeliswa ngendondo ye-LVMH Moët Hennessy Louis Vuitton (LVMH) Yomthungi Omusha Wemfashini.