IMorocco igcine ‘igweve’ nayo iWafcon, izosingatha ne-Afcon
SIHLE NGUBO
IMorocco seyishwebise iNingizimu Afrika ekubeni osokhaya beWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ka-2024.
Leli lizwe yilona elinikwe igunya lokusingatha lo mqhudelwano omkhulukazi wabesifazane kunobhutshwayo e-Afrika.
Nokho kuke kwavela ukuthi iMorocco, ezosingatha i-Africa Cup of Nations (Afcon) yabesilisa ngonyaka ozayo, ingase iyidedele iWafcon ukuze ikwazi ukulungiselela kahle i-Afcon.
Ngemuva kwalokho iSouth African Football Association (Safa) iphumele obala ngokuthi ifuna ukusingatha iWafcon uma iMorroco ihoxa.
Nokho ngokusho kukamengameli weSafa, uDanny Jordan, iMorocco seyishintshile mayelana neWafcon.
“Ngibe nengxoxo izolo ebusuku nobuholi beCaf,” kusho uJordan kwiSABC Sport.
“I-Wafcon ka-2024 yanikwa iMorocco kodwa bekungathi leli lizwe lizoyidedela iWafcon ngoba lizosingatha iWafcon enye ezayo kanti vele lingosokhaya be-Afcon.
“Nokho lokho kubukeka sengathi ngeke kusenzeka. Into ezokwenzeka ukuthi sesizolinda iWafcon esingakwazi ukuthi siyisingathe, bese sifake isicelo
“Inikwe bona, bekumele bathathe isinqumo kodwa bathi cha. Bafuna ukusingatha kokubili iWafcon ne-Afcon.”
Ngokusho kukaJordan iSafa kuzomele ilinde isikhathi eside ngoba iWafcon abangafaka kuyona isicelo iyoba ngemuva kweNdebe yoMhlaba yabesifazane eseBrazil ngo-2027.
I-Wafcon ka-2024 ihlehliselwe unyaka ozayo ngenxa yama-Olympic abeseFrance nonyaka.