IRoyal AM ingase iwele ezandleni zikaBlack Coffee noma uMckenzie
SIHLE NGUBO
Ingwazi edume umhlaba wonke ngokuba uDJ ongaconsi phansi, uBlack Coffee, iphakathi kwabantu abebefake izicelo zokuthenga iRoyal AM edayiswe yiSARS ngeledlule.
Izicelo zokuthenga leli iqembu laKwaZulu-Natal bezivalwa ngoMashi 14.
I-SARS ibifuna imali esukela ku-R15 million ngesitifiketi seThwihli Thwahla edlala kwiBetway Premiership.
Nokho kuyavela ophumelele ukuyithenga ukhiphe u-R25 million. Okwamanje akukavezwa ukuthi ubano lo ophumelele ukuba umnikazi weRoyal AM usihlalo wayo obekunguShauwn Mkhize.
Ngokwemibiko engaqinisekiwe, phakathi kwamagama abantu abebegaqele iRoyal AM, kukhona uDavid Skosana, uJoe Sibanyoni, uDJ Black Coffee, usomabhizini othile waseDRC nenkampani yaseGreece emataniswa noGayton McKenzie, ongungqongqoshe weZemidlalo, uBuciko naMagugu eNingizimu Afrika.
IRoyal AM kulindeleke ukuthi inikwe ithuba lokudlala imidlalo yePremieship esele ngayo emuva njengoba seyidayisiwe.
Lapho sekuphelile khona ngayo ikwiNedbank Cup njengoba yakhishwa kulo mqhudelwano kulandela izinkinga zayo zemali.
IThwihli Thwahla ikweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million. Leli iqembu liphinde likwelete uSamir Nurkovic u-R12 million.
Izikweletu ezithinta iRoyal AM, ngaphandle kwesaseSARS, zizothwalwa yilowo othenge iqembu.
IRoyal AM ibisadlale imidlalo engu-11 yeligi kule sizini. Kuzocaca maduze ukuthi ithengwe yimpunyela uBlack Coffee noma uMckenzie okwaziwayo ukuthi uyazifela ngezemidlalo.

