EzakamuvaIbhola

ULarsen uyicaba buthule ebheke kwiPremiership neMagesi

IMagesi FC inethuba elihle lokukhuphukela kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini, uma ingazibamba ziqine emidlalweni eyisikhombisa esele.

Leli qembu eliqeqeshwa uClinton Larsen, yilona elizihola phambili kwilogi yeMotsepe Foundation Championship, njengoba sezihubela sakusha kule sizini.

IMagesi inamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-21. Nokho ngemuva kwayo kukhona iqembu eliyingozi i-University of Pretoria ngamaphuzu angu-38 emidlalweni efanayo.

UClinton Larsen uthi uyazi bebenganikwe lutho kule sizini kodwa uyajabula ukuthi bayalwa ngayo yonke indlela.

“Ekuqaleni kwesizini akekho obelindele ukuthi sibalwe namaqembu anethuba lokuwina isicoco seligi,” kusho uClinton Larsen.

“Ngicabanga ukuthi senze obekungalindelwe yimuntu (nayithina uqobo) kuze kube yimanje.

“Abantu bebebheke amaqembu aseke adlala kwiDStv Premiership ukuthi kube yiwona aba sembangweni wesicoco.”

Uma kubhekwa amaqembu aseke adlala kwiPremiership ngaphandle kweTuks, iBaroka FC isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-31.

IBlack Leopards isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-29, iMaritzburg United isendaweni yeshumi ngamaphuzu angu-26.

Nokho konke kusengashintsha emidlalweni emihlanu ezayo, nokungasho ukuthi iligi izovalwa sekubanjwe umoya ngezindlela eziningi.

Iqembu elizoqeda liphezulu lizoqonda ngqo kwiPremiership. Azophuma endaweni yesibili neyesithathu azodlala imidlalo yokuhlunga nelizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership.

Amaqembu abhekene nokudliwa yizembe kwiChampionship, yiMilford FC (20), esendaweni yesithathu ukusuka emsileni, yiMarumo Gallants (20) esendaweni yesibili ukusuka emsileni nePlatinum City Rovers (19) eyivale emsileni.

Emdlalweni olandelayo iMagesi izovakashela iPretoria Callies eTUT Stadium, ePitoli, ngo-Ephreli 2 ngo-3 ntambama.