UKekana ufisa iDowns igweme ukukhubeka endaweni eyodwa
IMamelodi Sundowns ingase isondele ekutholeni inkanyezi yayo yesibili ngokunqoba iCaf Champions League kule mpelasonto.
Owayengukaputeni uHlompho Kekana usethumele umlayezo wokweseka iqembu njengoba liyodlala umlenze wokuqala wemidlalo eyandulela owamanqamu.
Iphupho leSundowns lokuqopha omunye umlando ngokuqeda isizini inezindebe ezine lisaqhubeka.
Seyivele ingompela be-African Football League kanti basesemjahweni kwiNedbank Cup, iChampions League kanti iDStv Premiership seyivele isezandleni zabo noma imidlalo ingakapheli.
Nokho okwamanje umdlalo obaluleke kakhulu ngowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiChampions League ezobhekana kuwo nezinkunzi zaseTunisia i-Esperance kule mpelasonto.
“Ngeshwa, lesi yisigaba lapho ungazikhetheli khona izimbangi zakho.
“Unikeziwe okumele ubhekane nabo, futhi kufanele wenze umsebenzi,” kusho uKekana, ecashunwa yiCitizen.
“Kusobala futhi ukuthi nakanjani abafana bami abafuni kupbaphinde okubehlele ngesizini edlule.”
ISundowns yaqunjwa phansi yiWydad Casablanca kuso lesi sigaba semidlalo eyandulela owamanqamu ngesizini edlule.
“I-Esperance yaseTunisia inamava kuleli zinga futhi isike yayiwina le ndebe phambilini.
“Ngokusobala lawa (adlala isigaba semidlalo eyandulela owamanqamu) ngamaqembu amane ahamba phambili ezwenikazi.
“Ngakho lokho kukutshela ukuthi ngeke kube wumdlalo olula.
“Mayelana nabadlali, ngiyazi ukuthi kade bayilinda le nselelo futhi nginesiqiniseko sokuthi bayilungele,” kwengeza lo kaputeni weSundowns.
FUNDA NALA: ‘Hhay’bo, uyena ngampela,’ kubatshazwa uMpengesi weChippa
Lo mdlalo weSundowns uzoba seStade Olympique Hammadi Agrebi ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku ngokwesikhathi sakuleli.