EzakamuvaiDStv Premiership

Okwenza uNcikazi abone iBucs ingazidalela kwiPolokwane

Ukuba nemidlalo esondelene eduze kuphoqa ukuthi ishintshe indlela ezilungiselela ngayo i-Orlando Pirates ukuze ikwazi ukugcina umgqigqo, igweme ukukhathala nokulimala kwabadlali. 

Lokhu kuvezwe yiphini lomqeqeshi kwiBucs, uMandla Ncikazi njengoba leli qembu libheke emdlalweni walo weDStv Premiership olandelayo. 

IPirates izobhuquzisana nePolokwane City esefomini enhle e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu. Umdlalo uqala ngo-7.30 kusihlwa. 

Iya kulo mdlalo nje kubhekwe ukuthi iqoqe amaphuzu agcwele ukuze iqale ukunonkela kwilogi yePremiership. 

IPirates isalele emuva ngemidlalo kwamanye amaqembu. Kodwa noma kunjalo, indawo ekuyo – ikweka-13 – ayigculisi neze. 

Isadlale imidlalo eyisithupha kanti isalele ngemithathu kwamanye amaqembu. Inamaphuzu ayisishiyagalombili. 

“Sesisesikhathini sesizini la ukubuyela esimweni kwabadlali kubaluleke ngaphuzu kwayo yonke into njengoba kade sidlale ezinsukwini ezimbalwa ezedlule,” kusho uNcikazi.

“Okokuqala nje, sibhekene nembangi eqinile impela. Bahle kakhulu ekuhlaseleni ikakhulukazi uma beqeda kuthola ibhola.”

UNcikazi uveze ukuthi sebeyihlaziye kahle iPolokwane ecijwa uLehlohonolo Seema njengoba bebazi ubungozi bayo.  

“Banabadlali abanamava kakhulu abafana noNdumiso Mabena noGiven Mashikinya. Kukhona abanejubane oSimon Ramabu noOswin -Appilis ezinhlangothini. 

“Kodwa sizilungiselele ukubhekana nalokho, ngijabule ngokuthi sineqembu eliphelele futhi elihle kakhulu. 

“Ngakho singakwazi ukukuzuza esikufunayo ngaleli qembu esinalo,” kusho uNcikazi.

IPirates iyoba okubhekwe ukuthi ibangise iMamelodi Sundowns esicocweni seligi kanti nomqeqeshi uJose Riveiro uyakwazi lokho. 

FUNDA NALA: Ithuba lokuphuma no-R200 000 kubalandeli kowe-Arrows neChiefs

Ukuvezile ngeviki elidlule ukuthi yize sebenayo indebe kule sizini, ebaluleke kakhulu yiyo le yeligi.