Uzoziphindiselela noma uzophinde aphume enxapha uMartin?
Selisheshe lafika ithuba lokuziphindiselela kwi-Orlando Pirates kumqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Martin.
Lo mqeqeshi wasala enganelisekile ngempelasonto edlule ngemuva kokushaywa yiPirates ngo 4-2 emdlalweni weNedbank Cup.
Wasola ukuthi iPirates isetshenzelwe unompempe ukuze ikwazi ukudlula kwezakhe.
Manje ithuba lokukhombisa ukuthi iPirates yasizwa unompempe selifiikile njengoba lamaqembu ezophinde akhiphane inkani.
Kulokhu kuzobe kuwumdlalo weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
“Amalungiselelo mahle kuze kube manje, isonto elijwayelekile,” usho kanje kwabezindaba kuleli sonto uMartin.
“Sizama ukuzivuselela emzamweni esiwenze ngoMgqibelo emdlalweni womkhumulajezi.
“Futhi nangokwengqondo ngoba uma udlala umdlalo omuhle kangaka futhi unomuzwa wokuthi ubungcono kunabo ezigabeni eziningi zomdlalo, kunezinto eziningi ezenzekayo…
“Kodwa manje sesinethuba lokuphinde sidlale nabo, kuzoba wumdlalo wasekuhambeni ngakho kuzoba nzima kakhulu.
“Siyabazi ubunzima nezinselelo esiba nazo uma sibhekene nePirates e-Orlando Stadium.
“Sesibonile ukuthi akuwona nje kuphela amaqembu ahamba phambili eNingizimu Afrika kodwa ezwenikazi lonke.
“Kodwa okuhle wukuthi sesivele sibhekane nabo kabili kule sizini.
“Emdlalweni wokuqala, sithole iphuzu elilodwa… Okwesibili ngaphansi kwezimo ezifanayo njengoba ngike ngasho ukuthi besilwa impela.
FUNDA NALA: BUKA: Kuboshelwe uMofokeng noWilliams kweyaMapiano
“Sadlala kangcono kakhulu, hhayi kithina kuphela kodwa ngicabanga ukuthi bekungomunye wemidlalo emihle kule sizini kuleli.”