EzakamuvaIbhola

U-Olisa Ndah akasafuni kwiBucs? UMakaab uyacacisa

Ngokwemibiko yakamuva, umdlali we-Orlando Pirates u-Olisa Ndah akeneme ngokungadlali futhi usefuna ukushiya kuleli qembu laseSoweto. 

U-Olisa Ndah ufike kwiPirates kumasizini amabili edlule, wafike wadlala ibhola elihle abanye baze bathi ubakhumbuza inkakha yaleli qembu uMbulelo Mabizela. 

Nokho kusukela ngesizini edlule izinto azimhambeli kahle njengoba ijezi selifana namajuba echobana nje kuye. 

Ngokubika kweSoccer Laduma kuleli viki, lo mdlali usefuna ukushiya kwiPirates ngenxa yokuthi akayizwa le yokungadlaliswa. 

Lo mbiko uthi u-Olisa Ndah usenyamanambana kubaphathi bePirates kusukela ashaya igoli elaba umkhonto ogwaza ekhaya bebhekene neKaizer Chiefs. 

Uqhuba uthi lo mdlali usafuna ukubuyela eqenjini lesizwe langakubo eNigiria, iSuper Eagles ngakho ubona amathuba emancane uma engadlali kwiBucs.

Kodwa imenenja yakhe, uMike Makaab iwakhabe ngazo zombili lawo mahlebezi, yathi ngamanga aluhlaza cwe. 

“Umbhedo wangempela lowo,” kusho uMakaab ebhala kwiTwitter ephendula obembuze ngalo mbiko. 

“Yingakho bengeke bangicaphune mina, umdlali noma iqembu… Bacaphuna umthombo. Ubalule lowo mthombo. 

“Ubuntatheli sebuyaphupha manje,” kusho uMakaab. Ephendula omunye, uthe lo mbiko uyingozi. 

FUNDA NALA: ISafa ibopha imenenja yabadlali, ifuna u-3.5-million kuyo

“Kubuhlungu ukubona abashicileli bezindaba okuthiwa bathembekile bebika into engekho futhi eyingozi kanje.”