Uzohlonishwa emidlalweni yezigaba ze-PSL uMkhonza
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) izwakalisa ukudabuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kowayengumdlali webhola elikhokhelayo, uSiphiwe “Dr Mnandi” Mkhonza.
USiphiwe Mkhonza udlule emhlabeni ezintathakusa ngoLwesibili, ngokusho kwesitatimende somndeni.
Ubesegule isikhathi eside exinwe yisifo sezinso kodwa kubuye kube ngathi kuba ngozi makhaza.
Yikho lokhu obekwenzeka afike abonakale, ehlaziya ibhola kwiSABC Sport, abuye anyamalale.
“I-PSL iyadabuka kakhulu ngokushona kowayengumdlali webhola elikhokhelayo nomhlaziyi webhola, uSiphiwe Mkhonza,” kusho isitatimende sePSL.
“Siyi-PSL sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMkhonza, ozakwabo, nabalandeli, njengoba besazama ukwetshisa lesi sehlo.
“Kuzoba nemizuzwana yokuthula ukumhlonipha kuyona, yonke imidlalo yeDStv Premiership, eyeMotsepe Foundation Championship neyeDStv Diski Challenge kuleli sonto.
“Umoya wakhe sengathi ungaphumula ngoxolo.” UMkhonza ushiye ngemuva uyise, uJoseph “Skheshekheshe” Mkhonza, unina, umfowabo nezingane zakhe.
Ushone kade enakekelwa yingoduso yakhe engunina wabantwana bakhe emzini wabo oseRoodepoort, eGoli.
FUNDA NALA: OweSafa eThekwini nombono ohlukile ngabaqeqeshi kuleli
Emaqenjini awadlalele uSimphiwe Mkhonza, kukhona iBloemfontein Celtic, yiRia Stars, yiLamontville Golden Arrows, yiKaizer Chiefs, yiSuperSport United, yiMaritzburg United, AmaZulu FC neBlack Leopards.

