Umqeqeshi weChiefs uphawula ngokwehluleka kwabo ukushaya amagoli
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ikhombisa ukuba ngcono kakhulu kunamasizini edlule, kodwa inkinga yokuhluleka ukushaya amagoli ibukeka ingakaxazululeki kuleli qembu.
Amakhosi awashiswe ijezi yiStellenbosch FC eshaywa ngo 2-1 emdlalweni weNedbank Cup Last 32, eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.
IChiefs beyiqala ukudedela igoli nokushaywa selokhu kuqale unyaka omusha u-2026.
Nokho okuqaphelekayo ukuthi emidlalweni emine eyidlale ngaphambi kokubhekana neStellies, ibilokhu inqoba ngo 1-0.
NangoLwesithathu leli qembu laseNaturena lakhe inqwaba yamathuba, njengenjwayelo, kodwa lehluleka ukuwabeka enethini.
Amathuba amathathu amahle kakhulu ehlele uMduduzi Shabalala, kodwa wehluleka esibhekene ngqo nonozinti weStellies, uSage Stephens.
UCedric Kaze, ongomunye wabaqeqeshi ababili ababambile kwiChiefs, uchaza ukuthi kungani bekwazi ukushaya igoli elilodwa kuphela emdlalweni ngamunye.
“Indaba yendlala yamagoli, ngizoyichaza kahle,” kusho uKaze.
“Ngikholwa ukuthi ngesikhathi siqala umzuliswano wesibili weligi, kanjalo nowokuqala, besilinyalelwe abadlali abaningi abahlaselayo, abafana noGlody Lilepo noGaston Sirino.
“Uma unabadlali bakho ababalulekile uma uhlasela, belimele, uyaye uthi ukwehla. Kodwa nginesiqiniseko sokuthi ngokuqhubeka kwemidlalo sizoba ngcono.
“Siyazi kungani sizoba ngcono ngoba manje sinabadlali ababuya ekulimaleni, uGeorge Matlou, uThabo Cele, u-Ox (uSibongiseni Mthethwa) noBradley Cross.
“No-Etiosa Ighodaro ulimele kodwa silindele ukuthi abuye emavikini alinganiselwa kwamabili.
“Kwesinye isikhathi awukwazi nokushintshanisa abadlali abahlaselayo ngoba ungenabo abaningi ozokhetha kubona.”
Mayelana nomdlalo weNedbank Cup, uKaze ukhale kakhulu ngokungagxili emdlalweni kwabadlali.
“Ngikholwa ukuthi kusemzuzwini wokuqala lapho besithatha izinqumo ngendlela ephusile.
“Asingenanga emdlalweni ngomqondo okahle. Sidedele amagoli amabili okuyinto ebesingayigwema emizuzwini engu-20 yokuqala.
“Kodwa noma kunjalo ngesiwombe sokuqala sithole amathuba amabili noma amathathu sibhekene nonozinti, sehluleka ukushaya igoli.
“Ngingathi namuhla bekuwusuku lapho okwenzayo kungenele ngoba sakhe inqwaba yamathuba ngesiwombe sesibili.
“Sishaye ipali kabili noma kathathu futhi kumele siqine ngokomqondo, sibheke umdlalo wethu wangeSonto ozolandela ngokushesha futhi obalulekile.”
IChiefs kuzomele ivuke izithathe njengoba izobhekana ne-Al Masry, emdlalweni obalulekile weCAF Confederation Cup, ngeSonto ntambama.
Ukunqoba lo mdlalo kweChiefs kungase kusho ukuzibekisela indawo kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano osubheke kuvuthondaba.
Nakanjani leli qembu laseNaturena lizodinga ukushaya amagoli kulo mdlalo, bese lizame ukungadedeli emuva, okuyinto eliyenza kahle kule sizini.

