Kuyesinda, kodwa iChelsea isenethemba ngeye-Uefa
SIHLE NGUBO
Umdlali weChelsea, uTrevoh Chalobah, uthi kumele balwe ngakho konke ukuze bazibekisele indawo kweminye yemiqhudelwano yase-Europe.
IChelsea izoqeda isizini ingenayo neyodwa indebe kulandela ukukhishwa kwiFA Cup yiManchester City, eyishaye ngo 1-0 eWembley Stadium ngoMgqibelo.
I-FA Cup bese kuyithemba lokugcina lokuthi iChelsea kube khona ekuqukulayo ekupheleni kwesizini.
Kwilogi ye-English Premier League leli qembu limi kabi njengoba liyibambe endaweni yesishiyagalolunye.
“Okumele sikwenze ukufunda kukho konke lokhu,” kusho uChalobah kwi-website yeChelsea.
“Kumele sibuyise imiqondo sihlangane ngoba sineminye imidlalo yamanqamu eyisikhombisa esizoyidlala ukulungisa izinto.
“Kumele sijabulise abalandeli sibeke iqembu lapho kumele libe khona, phezulu.”
IChelsea izobhekana ne-Arsenal, ezihola phambili kwilogi, ngoLwesibili. Ngemuva kwalokho ezikaMauricio Pochettino zizobhekana ne-Aston Villa, iTottenham Hotspur neBrighton and Hove Albion.
Leli qembu laseLondon lilande abadlali abangu-13 ngonyaka odlule ngemali elinganiselwa ku-400 million pounds.
Unozinti uDjordje Petrovic uhambe emazwini kaChalobah.
“Siphoxekile kodwa kusasa sizozilungiselela ukuvuka sizithathe,” kusho lo nozinti.
FUNDA NALA: UMokwena uhilizisane nabezindaba kubangwa icebo e-Esperance
“Sizoqhubeka nokuzama ngoba sisenethuba kwiPremier League lokufinyelela emiqhudelwaneni yase-Europe.”