Iphinde yahluleka ukunqoba iSundowns koweChamps League
SIHLE NGUBO
I-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) intshontshe iphuzu elibalulekile ibambana neMamelodi Sundowns ngo 0-0 emdlalweni wokuqala weCaf Champions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili.
Kulo mdlalo kaGroup B leli qembu laseDRC likhombise ukungadedeli lutho emuva, kanti nonozinti walo u-Efonge ubungafuni lutho ezintini.
Bese kungokwesibili kulandelana Abafana Ba’Style behluleka ukunqoba. Ngempelasonto iSundowns iphoxwe yiMagesi FC eyishaye ngo 2-1 kowamanqamu weCarling Knockout, eFree State Stadium, eBloemfontontein.
ISundowns ibiwuphethe umdlalo ngesiwombe sokuqala kodwa yangawakha amathuba enele okushaya amagoli. Lokhu kwenze ukuthi izivakashi zilokhu zingena emdlalweni.
Ngakolunye uhlangothi unozinti weSundowns uRonwen Williams ubeziphumelele emapalini akhe njengoba lingekho ibhola elibi alivimbile ngesiwombe sokuqala.
Ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye seyivutha bhe kodwa yalokhu ihluleka ukubeka ibhola enethini.
Kunalokho kugcine kuyi-AS Maniema Union ebesithola amathuba kulandelana, kwacisho konakala emzini weSundowns.