UMokwena ugxeka ubudlobongela kubalandeli beSundowns
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ugxeka abalandeli abebehhahhameza umdlali wasemuva uBrian Onyango eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ebusuku.
Lo mdlali akabanga nomdlalo omuhle ngesikhathi ezakhe zinqoba ngo 2-1 kwiSekhukhune United, koweDStv Premiership.
U-Onyango uze wakhishwa kulo mdlalo ngemuva kwamaphutha amaningi, okubalwa kuwona nokudala iphenathi ngesiwombe sesibili.
Nokho uMokwena usihlaba uyasihlikiza isenzo sabalandeli beqembu lakhe.
“Ngeke nje siyikhuthaze into enje. Akwamukelekile nakancane nje,” kusho uMokwena kwabezindaba.
“Laba badlali bazinikela ngakho konke, futhi ibhola umdlalo ohambisana namaphutha.
“Futhi abanye babo laba ababehhahameza u-Onyango, uma ungabalandela emisebenzini yabo noma kwabakwenza ngasese, ngikholwa ukuthi ungathola inqwaba yamaphutha.”
U-Onyango ungomunye wabadlali abangalitholi njalo ijezi kwiSundowns. Leli qembu beliqale ngabadlali abangu-11 abehlukile kulo mdlalo.
“Ngenza amaphutha amakhulu mina kunalawa enziwa uBrian Onyango,” kuqhuba uMokwena.
“Indlela engenza ngayo amaphutha iyamangaza…
“Ucabanga ukuthi ngiyakujabulela ukuhlala phansi nomdlali ngimtshele ukuthi wenze leli phutha naleliya? Akulula!
“Ucabanga ukuthi umdlali uyajabula ukutshelwa ngephutha lakhe phambi kwalo lonke iqembu? Akulula!
“Ubona ukuthi kukhona umuntu ongena enkundleni efuna ukwenza iphutha? Cha akekho.
“Into yokuqala okumele uyicabange uma umuntu enza iphutha, ukuthi nami ngiyawenza amaphutha.”
UMokwena ucele abalandeli ukuthi beseke futhi bakholelwe kubadlali, bangenzi izinto ezizogcina zibulele iqembu.
“Ukweseka iqembu kusho ukuthi kukuhle noma kukubi nginawe,” kuphetha lo mqeqeshi.
ISundowns izokwamukela i-Esperance yaseTunisia emdlalweni womlenze wesibili weCaf Champions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.
FUNDA NALA: Iyazenyeza ngesenzo sabadlali bayo iLindelani Ladies
Emlenzeni wokuqala eTunisia kuwine i-Esperance ngo 1-0. Lokhu kuchaza ukuthi Abafana Ba’Style kumele balithole kuqala igoli ePitoli.