EzakamuvaIbhola

Bafuna uKhoza azofakaza kwelikaMeyiwa, uChicco uyanqaba

Uphrojusa womculo namafilimu, uChicco Twala, usephikisene nombono wommeli wabanye abasolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa sokuthi kumele azofakaza enkantolo.

Lo mmeli, uThulani Mngomezulu ufuna yena uChicco, usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza nomculi uKelly Khumalo ukuba bazoziphendulela enkantolo. 

Abamangalelwa, abamelwe ngummeli uThulani Mngomezulu, bahlose ukuphoqa ukuba laba bazofakaza enkantolo.

Lesi sicelo siza ngemuva kobufakazi obethulwe uSifiso Meyiwa, ongumfowabo omdala kaSenzo kule nkantolo eNkulu yasePitoli la kuthethwa khona icala. 

USifiso utshele inkantolo ukuthi uKhoza wamtshela ukuthi akekho noyedwa kulana nasolwa abahlanu owayekhona ngesikhathi uSenzo edutshulwa wabulawa ngo-Okthoba ka-2014.

Uveze ukuthi wethula izitatimende eziningi kubaseshi bamaphoyisa phakathi kuka-2014 no-2018, lapho abalula khona ukuphika kukaKhoza lokhu okubikwayo ngokufa kukaSenzo. 

Kunalokho, uthi uKhoza wamtshela ukuthi uSenzo wadubuleka ngephutha ngesikhathi kunengxabano phakathi kukaZandi nowayeyisoka lakhe uLongwe Twala, indodana kaChicco.

Ephendula isicelo sobufakazi bakhe, uTwala ukugxekile ukwenza kukaMngomezulu, emchaza njengommeli ongenalwazi ozifunela udumo lwesikhashana.

UTwala ukuphikile nokubandakanyeka kwakhe, ephawula ukuthi isibhamu sakhe sahlolwa, kwatholakala ukuthi akusona esadubula uSenzo. 

Unxuse uSifiso Meyiwa ukuthi ayeke amaphoyisa enze uphenyo lwawo ngaphandle kokugxambukela okungenasidingo.

“Namhlanje ngifonele umndeni kaSenzo ngawuncenga ukuthi weluleke uSifiso ukuthi ayekele amaphoyisa enze umsebenzi wawo. 

“Nguyena ophendula leli cala likaSenzo inhlekisa,” kusho uChicco kwabeZiMoja ngoLwesithathu.

“Buka nje ngoba nguye owaxosha uGerrie Nel ngemuva kokutshelwa iqiniso ngesikhali esabulala umfowabo. 

“Isibhamu sami nesikaCarlos Mncube (omunye wabasolwa) zathathwa zayohlolwa ngohlelo lwe-ballistics… 

“Kwaqinisekiswa ngaphandle kokungabaza ngongoti noBheki Cele ukuthi yisibhamu sikaCarlos esadubula sabulala uSenzo.”

UTwala ugcizelele ukuzimisela kwakhe ukusebenzisana nabaphenyi becala ukuqinisekisa ubulungiswa  kuleli cala.

Uthe uma indodana yakhe, uLongwe itholakala inecala, kumele ibhekane nemiphumela yalokho.