EzakamuvaEzokusubatha

Ubonge ithuba lokuxosha ikati eziko uNtsindiso enqoba umjaho

Usivikele ngempumelelo isicoco sakhe kwiPrince Mangosuthu Marathon uNtsindiso Mphakathi enqoba ebangeni lika-52km. 

UNtsindiso Mphakathi ubonge umqeqeshi wakhe uHendrick Ramaala ngokumnikeza amaqhinga aphusile okunqoba lo mjaho ngempumelelo.

Lo msubathi ongomunye wabanganqeni ukuveza usizi lwabagijimi. Ubonge nemeya yaseMzinyathi District uMthandeni Ngubane ngokubanika ithuba elihle ngalo mjaho. 

Uthi abagijimi abakhokhelwayo abakwazi ukuzimaketha ngoba kumele bahlale ejimini ngaso sonke isikhathi.

“Siziphilisa ngakho ukugijima. Uma ingekho imijaho kuba nzima kakhulu,” usho kanje uNtsindiso Mphakathi. 

Khonamanjalo, uWillie Mtolo, obelekelela abafana beNtsika kulo mjaho, uthi bathwale kanzima kakhulu ngenkathi uWilfred Mutiro ongumsubathi waseZimbabwe esuka ehlala phambili. 

FUNDA NALA: U-Arthur Zwane akafuni ukushintsha kakhulu koweSwallows

Bamhubhe baze bambamba ebangeni lika-48km. “Besazi ukuthi ngeke nakancane abashiye ezindaweni ezikhuphukelayo. 

“Besisophe ukumbamba kuzo,” kusho uMtolo nobejabule njengoba uSanele Mthalane waseMpendle ephume endaweni yesibili.

By Alfred Ngubane