EzakamuvaIbhola

Iyazenyeza ngesenzo sabadlali bayo iLindelani Ladies

Iqembu laseThekwini iLindelani Ladies, selikhiphe isitatimende liphikisana nodlame ebholeni lezinyawo. 

Lokhu kulandela emva kwempi equbuke emdlalweni wangempelasonto weHollywoodbets Super League obandakanya lona leli qembu. 

Impi isuke ngesikhathi osokhaya iLindelani Ladies bebhekene neRoyal AM Ladies.

Yize iLindelani Ladies yagcina iguqile kulo mdlalo ngo 2-1, okwaqapheleka kwaba wukubambana ngezihluthu enkundleni phakathi kwabadlali balamaqembu. 

Esigamekweni sokulwa kwabadlali kwaphuma amakhadi abomvu amahlanu, amabili kweze Royal AM namathathu kwiLindelani Ladies. 

ILindelani Ladies iveze ukuthi isigameko esenzeke ngempelasonto siphambene nemigomo yeqembu futhi sidicilelaphansi isithunzi sebhola labesifazane kuleli.

“Lesi sigameko simi njengokusuka kumagugu namazinga asekelwe yinhlangano yethu nomphakathi webhola jikelele.

“Izenzo ezinjalo zingcolisa igama elihlonishwayo lebhola labesifazane, iSouth African

Football Association (iSafa), neligi… 

“Ngaleyo ndlela zibukela phansi imizamo ehlangene ebekelwe ukuthuthukisa ibhola labesifazane esizweni sethu,” kuchaza lesi sitatimende. 

“Kubo bonke abathintekayo, kuhlanganise ne-South African Football Association,

abaxhasi beligi, iHollywoodbets, amanye amaqembu angamalungu, nabalandeli

ngokufanayo, sidlulisa ukuxolisa kwethu okuqotho. 

“Ngaphezu kwalokho, sizibophezela ekusebenziseni imithetho yangaphakathi eqinile okuhloswe ngayo ukukhuthaza ukulawulwa ngokomzwelo nokunamathela kwimihlahlandlela yokuqeqesha phakathi kwabadlali bethu. 

“Ngaphezu kwalokho, sizobambisana ngokugcwele futhi sithobele noma yiziphi izinyathelo zokuqondiswa ubugwewe ezizobekwa yiligi.” 

ISafa seyivele nayo ishilo ukuthi izowathathela izinyathelo womabili lamaqembu ngenxa yalesi senzo sawo esiyihlazo ebholeni jikelele. 

Lesi sigameko senzeka kulo mdlalo ukhonjiswa bukhoma kwiSABC 1, ebukwa yizigidigidi zabantu. 

Ukuhluleka ukunqoba kweqembu iLindelani ngenkathi ibhekene nomkhaya bayo iRoyal

AM kuyenze yahlala kunombolo 15 kwilogi.

Inamaphuzu amane emdlalweni eyisikhombisa.