UMama Joy uphika eyokudikila iRoyal AM ‘engamholelile’
ALFRED NGUBANE
UJoyce “Mama Joy” Chauke uyaziphika izinsolo zokuthi usekhumbule ekhaya, wabuyela kwi-Orlando Pirates ngoba izinto zingasamhambeli kahle kwiRoyal AM.
Lo mlandeli ongomunye wabadumile ebholeni lakuleli, wamangaza abaningi elaxaza iPirates isigubhukane ngesikhathi sesasasa leRoyal AM.
Wayijoyina ngesikhathi uShauwn “MaMkhize” Mkhize esanda kuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic wabe eyeyijika iba iRoyal AM.
Nokho ekuqaleni kwaleli sonto kuvele imibiko ethi usenezinyanga eziyisishiyagalombili engaholi kwiRoyal AM, yingakho engasabonakali emidlalweni yayo.
Kuthiwe usebuyele kwakhe eSoweto njengoba isimo senhlalo besingasesihle eThekwini.
Phela uMama Joy ungumlandeli wokuqala ukuhola ebholeni elikhokhelayo kuleli.
Ungomunye wabalandeli abebekhokhelwe umnyango wezemidlalo kuleli ukuthi bayokweseka AmaBhokobhoko eNdebeni yoMhlaba eFrance ngonyaka odlule.
Wabuya lapho waba ngundaba mlonyeni njengoba afike wazitholela isoka lomlungu.
Uyakuchitha ke yena ukuthi izinto seziyabhimba kwaMaMkhize futhi usekhumbule ekhaya elidala kweZimnyama.
Ephikisa abebebhale ukuthi sekumshele kwiThwihli Thwahla, ufake ithikithi lendiza elikhombisa ukuthi ubesanda kuya nje eThekwini.
FUNDA NALA: IChiefs iyamchitha umgadli ebidayiselwa yena
“Bukani nabu ubufakazi bohambo lwami lwakamuva oluya eThekwini – Thwihli Thwahla,” kubhala yena.